Ezemidlalo

Umshayisibhakela waseDundee ungqimuze umpetha ngeKO

Jerome Thabethe

Ugqugquzela ukubekezela kulabo abafisa ukuzibona bephumelela njengaye umpetha womshayi sibhakela esigabeni ifeather weight uLindelani Sibisi (25).

USibisi uqophe umlando ngokwehlula imbangi yakhe ngeKO ngomzuliswano weshumi.

Ugqimuze uZolisa Batyi waseMdansane wase-Eastern Cape obengumpetha walesi sicoco amahlandla amahlanu ezivikela ngempumelelo.

Ukuqala kwakhe ukushaya isibhakela uthi walwa izimpi eziyishumi wanqoba eziyisishagalombili wahlulwa kwezimbili.

“Senginqobe izicoco khlanu uma sezizonke, ngaqala kuKZN featherweight, kwase kuba i-International Boxing Federation (IBF) continental featherweight”

“Ngiqale ukuthanda isibhakela ngineminyaka engu-12 ubudala. Ngizifela ngoFloyd Mayweather waseMelika”

“Ngesikhathi ngikwisigaba sama-amesha ngidlalile, kumaSalga nganqoba kabili, ngabuye ngadlala kuma KZN Championship nganqoba kaningi. Kufuneka ube nokubekezela, ngoba kuqeqeshwa kanzima”

Eqhuba uthi ukhuthaza intsha ukuba ingene kulo mkhakha ngoba ufundisa nendlela yokuziphatha kahle.

Uthi ukusho lokhu ikakhulukazi kwintsha ukuthi ingangeni ogibeni lwezidakamizwa nezinye izinto ezikhinyabeza impilo.

Lo mpetha uqhamuka kwiSbongile Boxing club, ngaphansi kweNhluladladla Promotion, ebambisene neHle Jobe Promotion.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button