Izindaba

Udilikajele kowabulala uyise ehlangene nezinkabi

UMologadi Magdeline Mehlape (28) ugcine egwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uyise uDr Malekutu Johannes Mehlape.

Lesi sigameko esathusa abaningi senzeke ngomhla ka-23 December 2023 eMankweng, Zone 1 ekhaya lomgilwa.

UMehlape ubulawa nje, wayeyimenenja kwicircuit kuMnyango wezeMfundo eLimpopo.

Inkantolo enkulu yasePolokwane ebiqula leli cala imgixabeza ngeminyaka engu-15 ngaphezulu ngecala lokuphanga.

UMologadi akazange ayibambezele inkantolo njengoba elivumile leli cala lokubulala uyise.

Abanye abasolwa abane kuhlanganisa nenyanga, engumsolwa wesithathu abathinteka kuleli cala bona basazogwetshwa.

Kuthiwa uMologadi wahlela ukuthi kubulawe uyise emuva kokuthi inyanga uHlologelo Klaas Mogotlane emtshele ukuthi ukuthi uyise wabulala unina ngomuthi ayewunikwe ngenye inyanga.

Kuvele ukuthi lo mbulali wentombazane waqale wazama ukubulala uyise ngawo umuthi kodwa kwangenzeka.

Ube esehlela indlela esheshayo yokuqasha izinkabi wazethembise imali engu-R200 000.

Ngokohlelo lwakhe lezi zinkabi bezizongena kubo kube ngathi ziyamphanga bese zibulala uyise.

Nebala lokho kwenzeka ngempumelelo.

Abasolwa abane uTshepo Gabriel Ranoto, Hlologelo Klaas Mogotlane, Mahlodi Melida Mathole, noMichael Sello Molongoane, babhekene namacala okuhlela ukwenza ubugebengu, ukubulala, ukuphanga ngendluzula nokuba nesibhamu ngezinhlavu okungekho emthethweni.

Icala labo lihlehlele umhla ka-20 June kulo nyaka.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button