Izindaba

Sishiye kukhalwa isimo esibi sezulu eKZN

Aphe Gcwabe 

Sishiye kukhalwa isimo sezulu ebesisibi ezingxenyeni eziningi zesifundazwe iKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Kulimale kanzima abantu abangu-7 kwalimala nenqwaba yezakhiwo eThekwini.

Umoya onamandla ubuwisa izihlahla emgwaqeni kanti eminye imizi, izitolo nezakhiwo zomphakathi ziphephukile.

Kunqamuke nogesi ezindaweni okubalwa iLovu, Adams nezinye.

Okuhlalukile wukuthi kuthelawayeka womgwaqo uN2 uma ubheke eKokstad, eningizimu yesifundazwe bekungahambeki ngenxa yeqhwa ebeligcwele umgwaqo.

Leli qhwa lize lakapakela ezingxenyeni ezithile zeEastern Cape.

USimphiwe Mbatha obethutha abagibeli besuka eThekwini beya eMthatha ukhale kakhulu ngokunganakwa uMnyango wezokuThutha esifundazweni.

“Kuze kube yimanje besingakalutholi usizo, ngakucono ukuthi kuthunyelwa noma indiza enophephela emhlane” kukhala uMbatha.

Ubalisa kanje ngenxa yokuthi ubegibeze nabantwana abese belokhu bekhalile ngenxa yamakhaza abeshubisa umkantsha.

Nokho, lishone elangoLwesibili uMnyango wezokuThutha oholwa uNgqongqoshe uSboniso Duma usuzenzile izaba.

Ukhucule ususa iqhwa kuN2 (R56) phakathi kwePort Shepstone neKokstad ukuyokapakela e-Eastern Cape.

UDuma uthumele ogandaganda nabasebenzi abavela kwiRoad Traffic Inspectorate.

“Sithulela isigqoko abashayeli bogandaganda abasebenze kanzima bebambisene nabeRoad Traffic Inspectorate ukuqinisekisa ukuthi umgwaqo ubuyela esimweni esijwayelekile”

“Ngiyalele isifunda sase Pietermaritzburg ukuthi sisuse iqhwa ngaphambi kokuthi likhule libe ngahezu kwa-30 cm. Benze njengoba ngishilo”

“Kube yishwa nje ukuthi kunabashayeli bezithuthi ezahlukene abahlale emgaqweni kwaze kwashaya ihola lesibili ntambama,”

“Sinxusa abantu ukuthi balandele isimo sezulu ukuze bahlale bephephile,” kusho uDuma kwistatimende.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button