Ezokungcebeleka

Sekuphinde kwagadla ukufa endimeni kaMaskandi 

Liyah Mseleku

Sekuphinde kwagadla ukufa endimeni kaMaskandi kubulawa umculi odabuka eMnambithi iGcwensa Elihle.

Ezivelayo kuthiwa udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ephuza e-Alexandra, eGoli kuzosa kube yiSonto.

Asaziwa isizathu okuyiso esiholele ekubulaweni kwakhe kodwa kusolwa ingxabano ebe phakathi kwakhe nabaqaphi kule ndawo.

Kwezeka lesi sigameko nje, abathandi bomculo kaMaskandi basizikhotha amanxeba ngoSiqiniseko Mvelase.

Lo mbhemu wakwa Maphumulo enhla nesifundazwe saKwaZulu-Natal ubeyisitha sikaKhuzani obehlale emgxibha nabanye kwTik Tok.

Umufi ungenelwe abantu ngesonto eledlule bamdubula ebukhona kuTik Tok kwaphela kanjalo.

Ngaphambi kwalezi zigameko kwahlaselwa kwabulawa eJulisi, uMnuz Dubula Mbatha wakwaNongoma.

Le nsizwa yayisizakhele udumo enkundleni yokuxhumana iTikTok.

Kuthiwa Dubula wayebekade ezikhiphile beyodla inyama nabangani bakhe ngesikhathi edutshulwa ngezinhlamvu ezingaphezulu kwezinhlanu.

Wangeniswa esibhedlela, washona ngoMsombuluko okuwusuku olulandela owadutshulwa ngalo.

Waziwa kakhulu ngokuba umlandeli wokuqina weGcokama Elisha no-Ali Mgube njengoba nasezinkundleni zikuxhumana bekade eseka bona kakhulu.

Ukubulawa kwakhe ayikaziwa imbangela yakho kodwa abaningi basola ukuthi kuhlobene nezenzo zakhe zokuhlasela abantu ngenhlamba kule nkundla yezokuxhumana.

Umculi kamasikandi u-Ali Mgube, waqopha ivideo ekhalisana nomndeni, izihlobo nabalandeli bakaMaskandi.

Enkulumweni yakhe, uxwayise kakhulu izinkundla zokuxhumana.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button