
UThuli Phongolo ngabe usengene ePhalamende kwezomjolo?
Ziyaqonga izinsolo zokuthi isiphalaphala esingumlingisi no-DJ uThuli Phongolo usejola nosomabhizinisi ophinde abe usopolitiki waseZimbabwe uScott Kupa.
Kuzokhumbuleka ukuthi uThuli usanda kuhlukana kabuhlungu noDJ Maphorisa ngemuva kokumvulela icala lokushaya.
UScott Kupa uke waba sematheni ngokujola noMihlali Ndamase odume ngokuba i-social influencer.
Kuqonga izinsolo zokuthi ngempela uThuli noScott bayajola nje ingenxa yokuputshuka kwezithombe zonyanyavu lwemoto iLamborghini ekuthiwa ithengelwe le ntokazi.
UThuli usanda kukhuza ibuya ekulingiseni kwiGenerations: The Legacy ayeyisishiye eminyakeni edlule.
Ngesikhathi esengena emkhakheni wokuba u-DJ ufike wajola noDJ Maphorisa. Wanekela izwe ezinye zezithombe ezaziveza izibazi zokushaywa.
Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu besefazane base beviva kuhle kweminyovu ilindele ukutinyela uMaphorisa.
Ngeshwa wabuye walivala icala eRandburg Magistrate’s Court, okuyinto eyacika kakhulu abaningi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



