
Kuphele sebumuncu ubudlelwano beminyaka kuKelly Khumalo nomsiki wenqephu
SISHUBILE isimo phakathi kukaKelly Khumalo nemeneja yakhe ebimgqokisa uKgothatso Tsotetsi kubangwa imali.
Kuthiwa uKelly usanda kubamba ukuthi uTsotetsi ubezitamuzela emalini esuke ikhokhiwe ukuze ayocula.
Umthombo uthe uTsotesti kade waba utsotsi ezitapela emalini kaKelly engazi.
“Le nto yokuzithathela imali bengavumelananga kade ayiqala.
Asazi-ke nokho ukuthi lokho ubekwenza ngoba ezikhokhela yena ngoba kuyaziwa ukuthi nguye obekhipha ephaketheni lakhe egqokisa uKelly nabasizi acula nabo,” kuqhuba umthombo.
UPhinde waveza nokuthi sekuphele izinyanga ezimbili bengasebenzisani kanti indlela isimo esesishube ngakhona akusakhulunyiswana.
Ethintwa iTimesLive uKgothatso ukuqinisekile ukuthi akasesebenzi noKelly.
“Sinqume ukuthi sehlukane ngezindlela esizithathayo. Ngakolwami uhlangothi ayikho imali engiyidlile. Uma ngikhumbula kahle siqale ukungasebenzisani ngoMay wonyaka odlule.
Uma yena ekholwa ukuthi kunemali engiyidlile, kulungile. Bese ngisebenze naye iminyaka engu-17. Okunye okwenze ngiyeke ukusebenzisana naye ukuthi sengifuna ukugxila ebhizinisini lami lezinto zokugqoka,” kuqhuba uKgothatso. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaKelly iphunzile.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



