Izindaba

Kuhlaselwe kwabulawa izelamani zilele eNdwedwe

Liyah MselekuĀ 

Kuhlaselwe kwabulawa izelamani zilele eNtaphuka, eNdwedwe, KwaZulu-Natal ngoLwesine ntathakusa.

Kukholakala ukuthi abasolwa abathathu bakhahlele isicabha bafica lezi zelamani badubula bephindelela bantshontsha nomakhalekhukhwini ngaphambi kokubaleka.

Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) efike mathupha endaweni yesigameko ithi ithole ucingo ntathakusa.

Namaphoyisa asesiteshini saseNdwedwe afike qatha tha, kodwa kuze kube manje abasolwa basagcwele amathafa.

Akwaziwa futhi ukuthi isiphi isizathu ebesingenza babulawe ngasihluku esinje.

Khonamanjalo, amaphoyisa aseNdwedwe abesebenzisana lalaba nogada bakwa RUSA baphuthume eSisebenzile Secondary School becelwa amaphoyisa.

Kuyibanga elibalelwa ku-200 wamamitha ukuqhela nendawo lapho bekubulewe khona izelamani.

Kutholwe omunye unogada eboshwe izandla ngemuva, kuvele ukuthi kungene izigebengu ezinhlanu zihlome ziyizingovolo.

Nakulesi sigameko kuntshotshwe umakhalekhukhwini.

Abasolwa babe sebengena estuff room bantshontsha ama computers nama projectors.

Kukholakala ukuthi lobu bugebengu buhlobene nesigameko sokubulawa kwezilamani ezineminyaka engu-26 no-29 kodwa ngeke kuqinisekiswe okwamanje.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button