Izindaba

Bafunwa njengemali abasolwa asebehlonziwe ekubulaweni kwa-Olorato

Philasande Luthuli 

Sebeyalelwe ukuthi bazinikele emaphoyiseni abasolwa uFezile Ngubane noPhilangenkosi Sibongikuhle Makhanya abazingelwa okwezinyamazane.

Laba solwa sebehlonzwe njengabantu abathinteka “ngqo” ekuthunjweni nokubulawa kwa-Olorato Mongale (30) obengumfundi eGoli.

Bagcwele amathafa kumanje kanti amalunga omphakathi ayanxuswa ukuthi angasondeli eduze kubona okuncono bafonele uBrigadier Nama ku-082 778 9035.

Amaphoyisa asho kanje asekwaze ukuthola umkhondo athola ngemoto yohlobo lweVW Polo eyasetshenziswa kubulawa umufi eGoli ngeSonto.

Ulwazi lwamaphoyisa lukhombise ukuthi imoto yaqala emzini othile eKew njengoba sebeyithole ePhoenix eThekwini lapho kuhlinzwa khona izimoto.

Kuboshwe umnikazi wale ndawo.

Kuyiwe naKwaMashu ekhaya lomunye wabasolwa kanti kutholakele namachaphazelo egazi ngaphakathi emotweni.

UKhomishana wamPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola ubonge wanconcoza kulo lonke intimba elisebenza leli cala okuhlanganisa iSAPS Gauteng Provincial Investigation Unit(PIU), DPCI KZN Tracking Team, Durban Metro Police K-9 unit nezinkampani zonogada ebezisebenzisana namaphoyisa.

U-Olorato ubulawa ngikwakhe wayethi uthole isoka njengoba ahlangana nowesilisa owazibiza ngoJohn enxanthatheleni yezitolo eBloemfontein bashelana kwashintshwana nangamafoni.

UPhilangenkosi Sibongokuhle Makhanya ongumunye wabasolwa ofunwa uthuli amaphoyisa

Lokhu kuchazwe omunye wabangani bamufi uThato Molongoana owayemcelile ukuthi akambheke ukuthi uphephile yini.

Wathuka koma sasozwanini uma ebona kwi-App efonini yakhe ukuthi usendaweni engaphephile eLombardy ngaphandle kwase-Alexandra, enyakatho neGoli.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button