
UMbali ugeqa amagula ngesizathu esagqashula umshado noBlack Coffe
Bahle Mkhize
Ugeqe amagula umlingisi u-Enhle Mbali Mlotshwa owayeshade noBlack Coffee mayelana nesizathu esamenza wabaleka waphuma ngesamagundane emshadweni.
UMlotshwa uthi wayekubekezelela konke kodwa mhla lo DJ othandwa umhlaba wonke ekhulelise abantu besifazane ababili kwamcacela ukuthi seligqashukile ucu.
Ngokusho kwaMlotshwa kwenzeka zonke lezi zigemegeme nje bazele amadodana amabili okungu Anesu no-Asante.
“Angikaze ngingathembeki emshadweni nangelilodwa ilanga. Kwaze kwaba ngiyaphuma. Uyalazi leli culo leGospel elithi baleka ngezinyawo zimbili,” esho ecula ingoma ye Joyous Celebration.
Uthi wenza njalo ngempela naye ezivikela.
Lo mlingisi ubekhininda lezi zindaba emsakazweni i702 nomsakazi uRelebogile Mabotja ohlelweni i-Upside of Failure.
UMlotshwa uthi ukuphuma kwakhe emshadweni wakwenza ngoba ebona ukuthi ukuhlala kuzomlimaza akwenzayo wayesenzela nabantwana.
Kuzokhumbuleka ukuthi labo saziwayo babopha ifindo likasofa silahlane ngo-2011 njengoba lize lagqashuka ngo-2019.
Ngonyaka odlule (July) iPurpose ibike ngezinsolo zokuthelelana amanzi phakathi kwabo.
Okwenza kusolakale ukuthi sengathi kukhona ukuthelelana amanzi, isithombe sabo bobabili nendodana esafakwa uMlotshwa ku-Instagram.
Wabiza uBlack Coffe ngoDad okuyinto eyahumushwe abaningi ngokuthi hleze kukhona ukuxolelana okwenzekile.
UMlotshwa wabonga uBlack Coffee ngokuthengela indodana yabo imoto yokudlala imidlalo yokuqhudelana (racing).
“Guess who’s back at racing. Thanks #Dad.”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



