Ezokungcebeleka

Uzobe elwa nemimoya uNathi Mankayi kwiDoek on Fleek eThekwini 

 

Kwande kaZikiza

KULINDELEKE ukuthi umculi wakuleli ongaconsi phansi uNathi Mankayi anandise emcimbini wodumo iDoek on Fleek Lifestyle, eThekwini.

Lo mculi waseMthatha e-Eastern Cape oshaya ngesigqi se-Afropop ne-Afrosoul akaconsi phansi kwabesifazane ngenxa yephimbo lakhe elimtoti, ukubukeka nangomyalezo oqukethwe izingoma zakhe.

UNathi uzoba ingxenye yomzungezo obizwa ngeSilwa Nemimoya Picnic Tour ezoqala ngoJuni 22 eThekwini udlulele eGqeberha, Cape Town, Bloemfontein, Johannesburg naseMthatha.

Abahleli balo mcimbi bathi lo mzungezo uhambisana nomculo kaNathi ingakho bewuqambe ngenye yamanoni akhe “Imimoya” ecaphune amanye amazwi asebhayibhelini.

UNathi, ozinameke ezinhliziyweni zabathandi bomculo efika nge-albhamu esihloko Buyelekhaya eyayiqukethe inoni uNomvula ngo 2014, uveze ukuthi ngalo mzungezo uzobe efafaza ivangeli lokuthi abantu abangalilahli ithemba, ubumbano nokuthandana.

Umsunguli weDoek on Fleek uThandi Mvata uthe selokhu bayiqala ngo 2016 bahlose ukuthuthukisa abesifazane ngezinto eziningi ngesikhathi bezijabulisa ngamadili omculo.

UNathi usezakhele igama njengoba izingoma zakhe zimnqobise imiklomelo emikhulu ezweni.

Kuma-SA Music Awards ango 2015 nge-albhamu iBuyelekhaya wagoduka nendondo ye”Best-Selling Album of the Year” neye “Best R&B / Soul / Reggae Album”.

Ngesikhathi esayina ngaphansi kweGallo Record wakhipha i-albhamu esihloko Iphupha Labantu eyamnqobela i-Best African Adult Contemporary Album kuma-SAMA ango-2023.

Related Articles

Back to top button