Izindaba

Ufe ujuqu owesifazane engozini enyantisayo kwalimala inqwaba

Liyah Mseleku

USHONE ujuqu owesifazane obalelwa eminyakeni eko-30 obandakanyeke engozini enyantisayo ku-M13 ePietermaritzburg, kuFields Hill, ngoLwesihlanu emini.

Izimoto ezibandakanyeke engozini zishayisane mahlanze kwathi abagibeli abayisikhombisa okuhlanganisa izingane ezine zalimala kanzima.

Abezimo eziphithumayo bafike bazama ukuhlenga izimpilo zalabo abebesaphefumula. Bathuthelwe ezibhedlela ezahlukene eThekwini ukuthola usizo olungeziwe.

Kubikwa ukuthi umgibeli oyedwa ubebambekile emotweni okuphoqe ukuthi abezicishamlilo neNetcare 911 basebenzise izindlawu ukuzama ukuhlenga impilo.

Ngokombiko kuvela ukuthi enye yezemimoto ibiqhamuka eThekwini enye iqhuka ngenhla zase zitholana phezulu kuFields Hill. Amaphoyisa asaphenya njengoba sishicilele esesendaweni yesigameko.

Khonamanjalo, emini ubuvaliwe umgwaqo onguthelawayeka uN-3 ngaku Spaghetti Junction izinhlangothi zomibili. Lokhu kulandela ukuthi kuchitheke amakhemikhali anobungozi elolini. Kucelwa abashayeli bezimoto ukuthi bawugweme lowo mgwaqo.

 

 

Related Articles

Back to top button