Izindaba

Igidigidi abezinhlanga ‘bezidalela’ olimini lweSintu

 

Philasande Luthuli

SIKHULA ngesivinini isibalo sezinhlanga ezahlukene ezikhombisa intshisekelo nogqozu ekukhulumeni ulimi lweSintu.

Abanye baziqamba amagama nezibongo zeSintu bazithakazele.

Lokhu kugqama kakhulu ezinkundleni zokuxhumana uTikTok lapho amaNdiya, amaNgisi namaBhunu bekhuluma isiXhosa noma isiZulu phaqa beze bedlule aboMdabu.

Kuzokhumbuleka ukuthi iNingizimu Africa yayingaphansi kwemithetho yobandlululo ngaphambi kwa-1994.

Phakathi kweminye imithetho eyayibekwe uhulumeni wobandlululo kusukela ngo-1948 iSegregation Law.

Lo mthetho wawuphoqa ukuthi izinhlanga zihlale ngokwehlukana, ukusebenzisa izikhungo zikahulumeni, izikole nokunye okuningi.

KwaZulu-Natal amaNdiya anamagama nezibongo bakwazi nokuzithakazela.

Kuzokhumbuleka nokuthi umdlalo wakuthelevishini iMbewu: The Seed eyayidlala ku-etv yasondeza eduze uKaylin Soobramanian owayelingisa indawo kaThu Sheleni.

Lensizwa ekhuluma isiZulu phaqa yaqopha umlando.

UThu Sheleni ukhulele eBhambayi, eNanda wufunda ezikoleni zakhona.

Kulezi zinsuku kubhoke insizwa emhlophe qwa ezibiza ngoKhayalethu yaseStutterhein, eGqeberha.

Le nsizwa ikhuluma isiXhosa futhi iyaziqhenya ngalolu limi elincele kumsizi wasendlini owafika besebancane.

Encokola kuTikTok uKhayelihle nomsizi wakubo endlini umcome ngokuba uye uthisha omkhulu ekufundeni lolu limi.

Le nsizwa ikhule idla amasi, umphokoqo izithelo zasendle nokunye.

Kumanje uKhayelihle unezifundo zolimi lwesiXhosa azenzisa ezinkundleni zokuxhumana.

Ukukhuluma nokubhala kahle izilimi zeSintu kwabezizwe sekwenze abanye abantu abamnyama ababhidilishayo bashaywe amahloni.

“IsiXhosa sakho sihle sidlula esami,” kuzikhalela u-Ayanda Magula.

“Ewe nami ngiphoxekile ukudlulwa uKhayalethu ohlophe,” kuphawula uZolani Zongola.

Omunye wesifazane omhlophe ucele ukuthi uDuduzani Zuma amfonele ukuze amfundise ulimi lwesiZulu, okuyihlazo nokho ulifundiswa olunye uhlanga ulimi lwakho.

Namhlanje iNingizimu Africa igubha usuku lwentsha. Ngonyaka ka-1976 uhulumeni wobandlululo wabulala inqwaba yabafundi eSoweto ababelwisana nokuphoqwa ukufundwa kolimi lwesiBhunu ezikoleni.

Related Articles

Back to top button