Uvuke wazithintitha umculi obhidlikelwe umshado
Sane Mseleku
UVUKE wazithintitha umlingisi ophinde acule uLatoya Makhene kulandela ukusabalala kwezindaba zokugqashuka kwefindo lomshado.
ULatoya Makhene uyachichima yinjabulo njengoba ememezele ukubuyela emculweli.
Usanda kunameka isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana, ese-Universal studios kubonakala ukuthi uyaqopha umculo.
Uveze ukujabula kwakhe nokuzigqaja ngokuthi ubuyela emculweni. “Ukusayina kwami ngokusemthethweni kuzokwenzeka maduze endaweni angeke ngiyidalule, izohanjelwa izintatheli ezikhethiwe. Yilapho ke ngizoveza konke,” kusho uLatoya.
Uqhubeke wazwakalisa ukubonga kakhulu kubobonke abantu abamusekayo.
“Ngibonga kakhulu kubo bonke abangisekayo, ngibonga uthando noxhaso. Engingakusho nje ukuthi zilawule, uzithembe ungavumeli uSathane abe nezwi lokugcina, Camagu,” ubhale kanje.
“Sengiphetha ngithi isikhathi sokuqhubekela phambili, ngivuke ngizithathe ngiphile impilo yami ngokugcwele ngizijabulise,” usho kanje.
ULatoya ugqame kakhulu kwiGenerations The Legacy.
Usanda kuba sematheni noPumulo Keswa abanobulili obufanayo kuthiwa bahlukene.
Babeshade umshado weSintu ngoDisemba 2020.
Phakathi kwezizathu ezinqala ezibikwe uPumulo Keswa ukuthi uLatoya ungene shi ezidakamizweni, udlame, ukumbatha nenye indoda ngaphandle komshado.
Isigameko sakamuva esidale lubhidlike ubumba wukuthi uLatoya ubhunyele uKeswa ngamanzi abilayo.
Kwavela nezinsolo zokuthi uLatoya useke wamshaya nge-ironing board, ivasi waphinde wangqongqisa amakhethini emzini wabo eRandfontein eGoli.
“Le ncwadi inazisa ngokuthi nginqume ukuthi kuphele obekusihlanganisile nendodakazi yenu uLatoya ngalezi zizathu. ULatoya ulale nendoda yaseNigeria eshadile ngoba efuna izidakamizwa izihlandla ezahlukene. Emuva kwamasonto amabili ekwenzile lokho ngamtshela ukuthi akahambe kwami. Wafika kwenu eTladi (Soweto), waphinda washendezana nelesbian endaweni. ULatoya ucekele phansi imizi yethu emibili ngokubulala amawindi, washisa amakhethini waphinde waphula nempahla endlini. Okubi kakhulu ukuthi uyanqaba ukuthola usizo lodokotela bengqondo,” kusho uKeswa encwadini ayibhalele abakwa Makhene.