Ezokungcebeleka

Indumezulu yomcimbi kubungazwa umsakazi weMetro FM

Kwande kaZikiza

UQWEQWE lomsakazi wakwa-SABC uWilson Bafana Nkosi uzobungazwa ngedili lomcimbi womculo njengoba kulo nyaka eqeda unyaka ka-37 eyibambile kule ndima.

I-TNS Productions Platinum nokubambisana neMetro FM bahlela umcimbi ekuzobe kunandisa abaculi no-DJ abadlala izingoma ezipholile e-Emperors Palace eCentre Court ngoJune 29.

UNkosi, ongakaze asakazele esinye isiteshi ngaphandle kweMetro FM, uveze ukuthi uzizwa ethobekile ngokuthi ahlonishwe ngalo mcimbi esaphila.

Uthe ngesikhathi esuka kwelakubo ePiet Ritief eMpumalanga wayengakaze aziphuphe esehambe ibanga elide kangaka kulo mkhakha wokusakaza.

“Ngizizwa ngithobekile futhi ngingowekhethelo ukuthi kubekhona abantu abacabanga ukungibungaza ngisadla anhlamvana. Sekuvamisile ukuthi sibone abantu betuswa ngamagalelo abo sebeshonile. Ngifisela okuhle bonke labo abaqhamuke nalo mcabango wokungenzela umcimbi. Ngiyabonga kakhulu South Africa,” kusho lo msakazi onezwi elibhodlayo.

Abaculi abazonandisa uLwah Ndlunkulu, Sjava, u-DJ Sentle Lehoko, DJ Paul Mtirara, DJ Sizi Shembe beMetro FM, DJ T-bose Mokwele weKaya FM noDJ Bambo Johnson weRadio 2000 kanti uhlelo luzobe luphethwe usomahlaya uSkhumba Hlophe.

UNkosi, ovamise ukuzibiza ngengane yakwaMetro FM, waba ingxenye yabasakazi bokuqala abazwakala emoyeni kulo msakazo usabizwa ngeRadio Metro.

Wawujoyina nabasakazi abanjengoShado Twala, Sam Shabalala, Tom Mphatsoe, Tim Modise bafika bawubeka emgangathweni kwabonakala nesibalo sabantu abamnyama bethutheleka kuwo.

UNkosi uthi uthando lomsakazo lwafakwa enhliziyweni yakhe nguBongani Cyril Kansas City Mchunu owayesilomo somsakazo uRadio Zulu osubizwa ngoKhozi FM manje.

Akaconsi phansi kubalaleli ngenxa yokudlala izingoma zamzukwana kanti njengamanje ushayela uhlelo olulandelwa kakhulu iSounds And Stuff Like That. The Entertainment State Adress njalo ngeSonto kusukela ngo-9am kuya ku-12.

Related Articles

Back to top button