Umsakazi woKhozi FM ezinhlelweni zokuqhubeka nokuzala
Aphelele Gcwabe
UMSAKAZI woKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe usewephundulile umbuzo wokuthi izingane eziningi uzozenzani.
Lokhu kulandela ukuthi enameke unina wengane nengane yakhe esanda kuzalwa ezinkundleni zokuxhumana ejabulile.
“Kodwa Ngobe mfwethu, izingane ezingaka uzozenzani kodwa brazo? Ake ningiyeke, ngazalwa ngedwa zwi mina. Angeke ubaba nomama bethi baba nomndeni omncane nami bese ngenze njalo. Aningiyeke nje ngizale futhi angiyenake umlungu mina, ngingowale kwaNongoma. EThekwini ngitohoza khona, angisiyena nje owasesilungwini mina. Futhi ke angihluphi muntu ngiyazondlela,” ubhale kanje.
UTshatha ugeqa amagula nje indaba isuswe ukwamukela usana olusha emndenini wazisa abalandeli bakhe ngoLwesihlanu olwedlule.
“Siyabonga kakhulu kuMdali wezulu nomhlaba ngalesi sipho esiyilungu elisha lomndeni wakwaNgobe kwaNjengonina. Siyabonga futhi nakule ntokazi kaSkhosana esikhombisile ukuthi izowumisa mpo umuzi kaMaDumisa”, kusho uTshathugodo ngesikhathi amukela ilunga elisha.
Lolu sana olungakadalulwa igama lalo esidlangalaleni lizalwa uSibongimpilo Skhosana ongunkosikazi kaTshatha.
USibongimpilo ungumlingisi, aphinde abe usomabhinizisi. Uke wadlala kwifilimi ebidlala ku-Netflix ngo-2019 ethi The Letter Reader, elingisa indawo kaNtombi. Eminye imidlalo ye-TV adlale kuyona i-Forbidden Love, Jersey Number 10, Comatoes, The Searcers noZalo.
Akukho okutheni okwaziwa ngaye njengoba engesiyena umuntu othanda ukugqama nokukhuluma ngempilo ezinkundleni zokuxhumana. Kwaziwa ukuthi ungowase Mnambithi.
Ngaphandle kwalolu sana uTshatha unomunye umntwwna amthole ngo-2019 nokuhlanganisa nabanye abazala ebudlelwaneni bangaphambilini.