Ezokungcebeleka

Uze nenye uCebo wodumo lweDBN Nyt

Sihle Mkhize

Ilungu leqembu leDBN Nyt elazakhela udumo ngengoma eyayishisa bhe iShumaya ngo-2015 alihlehleli emuva emculweni.

UCebo Ngcobo osezinze eGoli kumanje umatasa upheka ingoma ye-3 step okuwuhlobo olungenisayo emculweni nezinye.

Ekupheleni kwale nyanga uyaphuma umucu osihloko sithi Ukuthula asebenzisane kuwo namaciko engaphansi kweCebo Pansula eliClean Entertainment.

Kuwona kubalwa kubo uMmata Magic, C’phe SA noMission Bouy

Akamshiyanga ngaphandle uCostah Dolla ongumdidiyeli onamava eThekwini, naye ofaka isandla ezingomeni okulindeleke zidansise uMzansi ngoDisemba.

“Kule ngoma ngikhuluma ngohambo lwempilo yami ukuthi kunabantu abebekhuluma izinto ezimbi,”

“Abanye bengangifiseli okuhle kodwa mina ngakhetha ukuthula ngabheka umsebenzi wami. Yingakho ngila ngikhona namhlanje” usho kanje.

UCebo uthi njengamanje wenza i-3 step njengoba kwazeka ukuthi uhlobo lomculo luyashintsha.

UCebo eqala nqa ukuzimela wakhipha ingoma esihloko sithi Umhlaba Uyahlaba nalapho wayepike khona uDanger weBig Nuz, Madlisa noNokwazi.

Sezike zamnetha uCebo kwazise iPurpose seyake yabika ngokubandakanyeka kwakhe engozini nendodakazi yakhe ngoJanuwary 2003.

Nakuba avuka esibhedlela kodwa akaphelanga amandla njengoba ephokophele phambili emculweni.

Kulabo abafisa ukumlandela ezinkundleni zokuxhumana bangamthinta

kuCebo-1 Instagram

Cebo-1 TikTok

Cebo-Ngcobo Facebook

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button