Izindaba

‘Bahambe wrongo’ abebezama ukudubula amaphoyisa

Philasande Luthuli

Bekungathi kudlala ifilimu kutholana phezulu ngenganono abasolwa abane namaphoyisa ePinetown, eThekwini.

Lesi sigameko esishiye abaningi bengawuvali umlomo senzeke emgaqweni u-Underwood ngoLwesibili ntambama.

Ngokombiko wonogada, ukudubulana kusuke ngesikhathi amaphoyisa ephuthuma lapho abebizwe khona kugqekezwa ku-Oxford Road, eParadise Valley, ePinetown.

Kuthiwa ngesikhathi esondela amaphoyisa abe esehlonza imoto yohlobo lwe VW Polo ebihamba emzileni iphambana namaphoyisa.

Nokho amaphoyisa abe esezama ukuyimisa kodwa umshayeli wePolo wayishaya indiva imiyalelo yamaphoyisa wabaleka kakhulu.

Kube sekujahwana kwanuka ithayi kwayinqaba emgaqweni, abasolwa baqala badubula bebhekise emaphoyiseni ngqo.

NezikaNhlanhla Mkhwanazi azibuzanga elangeni, zaphendula ngomlilo kwashiyana ukwenza balimala kanzima abasolwa abathathu bedliwa yinhlamvu.

Babe sebehlengwa endaweni yesigameko ngabosizo lokuqala ngaphansi kweso lamaphoyisa badluliselwa nesebhedlela beqashwe ngelokhozi.

Kulokhu kudubulana kuphethe ngokuthi kutholakale izibhamu ezimbili ezincane, flat screen TV, Ubucwebe, izikhwama zikanokusho nezinye izimpahla zasendlini zitholakale kubona.

Lishone elangoLwesibili amaphoyisa ephume inqina lokuthungatha umsolwa wesine obaleke washiya isithunzi.

Laba elibalahlile elakubo kulindeleke ukuthi bavele enkantolo uma sebekulungele.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button