
Ize nenye iMahindra ivula ifemu kuleli
Ngeney’ntwen Mkhize
Lihlomule ngethuba elingqayizivele idolobha laseThekwini kwethulwa indawo yokwakha izimoto zohlobo lweMahindra eDube Trade Port.
Kulo mcimbi bekukhona neziphathimandla zikahulumeni okubalwa uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi.
IMahindra yinkampani yezimoto yase-India kanti isinesikhathi ihweba ngezimoto eNingizimu Africa.
IMeya yeTheku uCyril Xaba uchaze lokho kwakhiwa kwezimoto njengekuvuleka kwekhasi elisha.
“Kuzoqopheka umlando iMahindra izibophezela ekuhwebeni eThekwini , KwaZulu-Natal neseSouth Africa jikelele. Nkuhulumeni wethu kuyaverla ukuthi siyanqoba ekwakheni indawo ekuzinzekayo kuyo ekutshaleni izimali ukuthuthukisa idolobha,” kusho uXaba.
Le femu ikhiqiza izimoto eziyinkulungwane yaphinda yaqasha nabashebenzi abayikhulu.
ITheku alizogcina nje ngokwakha izingxenye ezithile zezimoto kodwa selizokwazi ukuyiqala kwa-“a” baze bayiphothule.
UXaba utuse ukwanda kwale femu washo nokusho ukuthi impela iMahindra ihambisana nezinhlelo zokukhulisa imboni yezezimoto.
“Idolobha lethu liyikhiye womnotho nomthombo wamathuba emisebenzi. Kumanje imboni yezezimoto KwaZulu-Natal iqashe abasebenzi abangu-29 000 nabangu 50 000 emsebenzini wokudayisa nokunakekela. Yiezinjena eokutshalwa kwezezimali esingazigcina futhi sizikhulise,” usho kanje.
Wengeze ngelokuthi ukusebenzisana nesifundazwe idolobha lakha isizinda sokusasabalisa enye impahla e-Illovo.
Enyakatho yeTheku kuzobe kwakhiwa izimoto uqobo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



