Izindaba

UXolani Khumalo kolunye utalatiya kufa owaseNigeria

Lethukuthula Zulu

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela ukudutshulwa kowesilisa waseNigeria kodwa obezinze eWindsor East eGoli.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi kugasela uXolani Khumalo ogaqele isikhundla sobuMeya ngaphansi kweqembu i-Action SA ehambisana nabomthetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKhumalo ungaphandle ngebheyili kaR2000 kwelinye icala lokushaya nokukhomba ngesibhamu ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni ngenyanga edlule.

I-EFF isigxeke i-ActionSA noma kunjalo kodwa leli qembu likaHerman Mashaba selikuqinisekise ukuthi impela uXolani Khumalo ubekhona ngesikhathi kufa umsolwa obemataniswa nezidakamizwa.

Esitatimendeni esikhishwe i-Action SA uKhumalo uthi: Uyaseseka isinqumo, nazo zonke izindlela ezisemthethweni zokulwisana nobhongoza ebubengwini abacabanga ukuthi abathintwa.

Uqhube ngokuthi beyiqembu le-Action SA banamaphuzu ayishumi abahlela ukubuyisa idolobha lase Ekurhuleni, eqhulwini kuhamba phambili ezokuphepha.

I-EFF ikugxekile ukudubula kanye nokusetshenziswa kwezepolitiki.

Okhulumela leli qembu uSinawo Tambo uthe lesi senzo asamukeleike.

“Sebebulala abasolwa nokuyindlela abakhankasa ngayo. Ukuzobophezela kweqembu ukulwa nobugebengu sezoba izidumbu ezoziveza ezikhungweni zokuvota,” kuphefumula uTambo.

Abalandeli baKhumalo bakhombisa ukumeseka ne-Oparation Dudula elwisana nabokufika abangenazimvumo isilikhiphe ngembaba elokuthi iyameseka.

Kusalindwe amaphoyisa njengoba abengakathi vu ngalesi sigameko.

NB: Advertising Call/WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button