Izindaba

Uvukele eNigeria u-Omotoso oshiye kukhalwa eMzansi

Uvukele kwelakubo uMvangeli waseNigeria uTimothy Omotoso ogoduke ngeSonto esuka eThekwini, eNingizimu Africa.

U-OMotoso ohola ibandla iJesus Dominion International Church ubesanda kuphuma phambilini emacaleni okudlwengula nokushushumbisa abantu.

Kulokhu ubonile ukuthi ijele liyamnukela wandiza esuka emzini wakhe oseThekwini wadlulela e-OR Tambo International Airport eGoli nalapho efike wathatha indiza ebheke kwelakubo eNigeria.

Ubephelezelwa izisebenzi zoMnyango wezaseKhaya namaphoyisa.

Amalungiselelo okuphindisa u-Omotoso (66) emuva aqale ngesikhathi eboshwa okwesibili e-East London ngeonto eledlule.

Wayefuna ukuthathwa njengomuntu osemthethweni ukuba kuleli kodwa bamchitha.

Kukholakala ukuthi uzicelele yena ukuthi abamgoduse ngoba uyabona ukuthi uzofela emajele aseMzansi.

U-Omotoso nayesolwa nabo uLusanda Sulani noZukiswa Sitho batholakala bengenamacala kwababebekwe wona angu-32.

kuzokhumbuleka ukuthi u-Omotoso ngesonto eledlule waboshelwa ukuba kuleli ngaphandle kwemvume, emva kancane nje kokudedelwa.

Udedelwe ngoba uMnyango wazaseKhaya kukhona ongakwenzanga ngendlela.

U-Omotoso kwakumele ahambe ngosuku olulandela lolo akhululwa ngalo ejele, kodwa yena wazihlalela waqhubeka nemisebenzi yebandla.

Le nceku yenkosi ibisihlale esitokisini iminyaka engu-8 ngecala lokudlwengula nelokushushumbisa abantu kodwa iphume phambili kuwona.

Yize atholwa engenacala kodwa i-NPA ibisiphonsela inselelo isinqumo sejaji.

Kuphinde kusoleke yona iNPA ukuthi ayiwenzanga kahle umsebenzi nokwenze aphume phambili u-Omotoso.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button