Ezokungcebeleka

UTyla ushaye “ngepani” isihlabani saseNigeria

Phila Luthuli

ISIHLABANI somculo waseNigeria uWizkid ubuyele emuva ehlehla kulandela ukuthi uTyla enqabe ukucula naye kwenye yezingoma ezoba kwi-album entsha.

Kuzokhumbuleka ukuthi uTyla usanda kunqoba indondo ehlonishwayo emhlabeni iGrammy Awards nezindondo ezimbili zeBET.

IPurpose ihoshe umoya wokuthi inkampani okuqopha kuyo uWizkid iRCA yabeka etafuleni u-2million wamadola kodwa uTyla wayinqaba ezwa ukuthi le ngoma okumele angene kuyo isezingeni eliphansi.

Akubuzwa ukuthi uphoxekile uWizkid kodwa waligwinya intshe.

Ephawula emuva kwalezi zindaba ukhombise ukwamukela ukuthi ucu akuhlangananga noTyla.

“UTyla uyindlovukazi yaseNingizimu Africa nomculi omkhulu e-Africa.

“Nokuvelelela kwakhe i-Africa ayikaze ikubone phambilini.

“Uthathe umculo wawubeka phezulu, ngiyayithanda i-album yakhe ukwazile ukuhlanganisa iPiano neR&B,” usho kanje.

Uyakuphika ukuthi umgabhile ekusebenzisaneni naye kodwa uthi umnike elinye ithuba lokusebenza naye komunye umsebenzi oncono.

“Akangigabhanga uTyla kodwa unginike ithuba lokusebenza naye komunye umsebenzi oncono futhi lokhu ukusho ngomoya ophansi.

“Ngisazimisele ukusebenzisana naye kwelinye iculo njengoba engalithandanha leli engilithumele.

“Awukwazi ukuvuka ngakusasa ufune ukusebenzisana noTyla noma ngabe uyawazi futhi uyawuthanda umsebenzi wakho.

“Uma kugcina kwenzekile kuyoba isibusiso. Uyindlovukazi, uma kumele simnike u-3 million wamadola ayikho into esizoyenza.

“Nginethemba lokuthi uyokuba khona kwi-album iMorayo ingangephuma kuze kube sithola uTyla kule album,” ucashunwe esho kanje.

Ingoma emakhele ugazi nanqobe ngayo izindondo uTyla esihloko sithi Water kanti uWizkid udume ngethi Come Closer.

Related Articles

Back to top button