Ivideo yocansi imqedele umsebenzi umqeqeshi
IHLAZO lokuzitika ngocansi nomahosha kumqedele umsebenzi uPeter Hyaballa (49).
Lo mqeqeshi odabuka eGermany, akahlalanga isikhathi eside ejoyine iSekhukhune United.
Ulijoyine leli qembu laseLimpopo ngoJuni, nengoba enyula nje ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City.
ISekhukhune iguqiswe ngo 1-0 kulo mdlalo weMTN8, obusePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ntambama.
ISunday World ibike ukuthi kuqhamuke abathile eqenjini befuna ukuvalwa umlomo ngekhokhelo ukuze bengavezeli umphakathi amahlazo alo mqeqeshi.
Nokho kuthe uma ebuzwa ngalokhu, lo mqeqeshi wadaza inkani wathi uzoshiya uma kuwukuthi lesi senzo sihlaza iqembu.
Le vidio kuthiwa iqoshwe kwenye indawo okusebenza kuyo abesifazane abahweba ngomzimba eGoli.
Ngokwevideo abazibonele ngamehlo bathi impela lo mqeqeshi ubeshona evumbuka, ezitika nowesifazane omnyama.
“Kuvela ukuthi kungenzeka ukuthi ucasule omunye walaba besifazane obe esemshutha ngenhloso yokufuna ngaye imali eqenjini,” kucashunwe umthombo usho kanje.
Ube esethumela le vidio kubaphathi beqembu, wasabisa ngokuthi uzoyifaka ezinkundleni zokuxhumana uma bengakhokhi imali ayifunayo.
Akucaci ke nokho ukuthi ubefuna malini, kodwa babeke nonqamlajuqu wosuku abafuna ikhokhwe ngayo le mali ukuze bavale umlomo.
Nokho ngemuva kokuxhumana nabammeli, abaphathi kuthiwa batshelwe ukuthi bangayikhokhi le mali ngoba kuzobe baphula umthetho kwabona.
“Umqeqeshi waqala waphika ukuthi nguye lo okule video, waze wacela ukuyibona ngokwakhe.
“Kulapho ke abe esevuma khona ukuthi nebala nguyena lo okuyona, wabe esethembisa ukuthi uzosula emsebenzini.”
Lisenethini