Ifu elimnyama oKhozini FM kushona umsakazi
Bahle Mkhize
KUGCINE kumenele umsakazi woKhozi FM uZanele “Mazet” Mbokazi (52) obethula uhlelo Eshilo njalo ngeSonto.
Lezi zindaba zidalulwe umphathi woKhozi FM uSbongi Ngcobo nabebemele umndeni wakwaNkambule lapho ashadela khona.
UZanele ushonele esibhedlela esiseThekwini ntathakusa ngoMsombuluko.
IPurpose ibike kaningi ngokuhlatshwa kwakhe ukugula nokwaholela ekutheni athathe ikhefu emsakazweni.
Kwavela ukuthi ujuqwa isifo somdlavuza.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZanele ubesebuya ihlandla lesibili esebenzela lo msakazo.
“Sithi dudu emndenini wakwaNkambule nowase-Eshilo alwehlanga lungehlanga,” isho kanje.
Ngizovumelana nomphathi ngokuthunywa umndeni wakwaNkambule uukuzosho ukuthi umama usephumulile. Sibonga kakhulu kubo bonke abalaleli ngemithandazo. Sithi dudu umndeni ulimele nani nilimele, siyazwelana nani njengomndeni oKhozini. Sicela abantu bahlezi belindile imininingwane egcwele oKhozini nasezinkundleni zokuxhumana,” kusho uNkambule.
Abaningi bazomkhumbula uZanele ngokuvundulula ikhono emculweni weGospel kanti nomncintiswano wezindondo obizwa ngeSABC Crown Gospel Music Awards awusungula ugqamise inqwaba yabaculi.
NgoJuni abaculi beGospel okuhlanganisa uLungelo Hlongwane, Sphumele Mbambo, Jumbo, Sgwili Zuma babesoKhozini ohlelweni lukaDudu Khoza benxenxa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo emkhulekweni owawuzobanjelwa lo msakazi eGNF ngaseDurban station.