Kuphangwe amasaka emali eNdwendwe
Liyah Mseleku
ZISHAYE zachitha nezikhwama zemali izigebengu ezibambe imoto ethutha imali eCottonlands, eNdwendwe, kwaZulu-Natal ngoMsombuluko emini.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) bathi bathole izingcingo ezahlukene emphakathini kuthiwa abaphuthume ibambene kuduma izulu lezandla.
Nebala abeRUSA namaphoyisa afike ehlome ezingovolo kodwa kwasho khona ukuthi bafike selidume ladlula.
Bakhangwe imoto yakwa Fedility izicucu, nokho onogada abebekule moto basindile baphuthunyiswa esibhedlela.
Kuvele ukuthi imoto yohlobo lweHyndai neToyota Hilux ziyikakile zadedela umlilo zidubula ngemishini ezishintshayo yezibhamu emotweni yabagilwa.
Kuthe uma uzigilamkhuba zifika qathatha kwizisulu zathatha ngo “dli” izibhamu okubalwa i-9mm nesikhulu.
Kubanjwa le moto nje bese kuphele izinsuku ezimbili kuphangwe enye eMsahweni ogwini oluseningizimu neTheku.
Nakhona izigilamkhuba zishaye zachitha namasaka emali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe. “Amaphoyisa aphansi phezulu Angela abasolwa ababambe imoto yemali kuhlonyiwe,” usho kanje.
Kunxuswe noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte amaphoyisa ngokushesha.