Owayedlalela izinkunzi zase Soweto ubalekela izikweletu
Phila Luthuli
UDLA phansi lowo owayengunozinti weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo uma ebuzwa ngezimali azikweleta abathwebuli.
IPurpose imfonelile ifuna ukuthola kabanzi kodwa uzenze umuntu omatasa wacela ukufonelwa emuva kwemizuzu eyishumi.
Akabanga esatholakala ocingweni ebalekela ukuphendula imibuzo.
Lo mdlali owayeka ukudlala ibhola esathanda ngenxa yokulimala ukweleta umthwebuli u-Ayanda Zondi we-Ayanda Shots isamba sika R8000.
UKhuzwayo kuthiwa waqasha u-Ayanda ukuthi ashuthe aphinde afake izithombe ezinkundleni zakhe zokuxhumana nokunye.
Lokhu kungesikhathi kunomqudelwano owaziwa ngeBrilliant Cup U19 2024 nowawudlalelwa eWema eGlebe Stadium eMlazi.
Lo mqhudelwano wadlalwa kusukela ngomhlaka 27-28 Julayi.
U-Ayanda ovutha bhe nasezinkundleni zokuxhumana ucashunwe abezindaba ethi umsebenzi wawubona umkhulu kwazise kwakudlalwa izinsuku ezimbili ezindaweni ezahlukene.
Lokho kwamphoqa ukwengeza ngabasizi ababili.
UKhuzwayo wamthembisa ukumkhokhela mhla ka-2 Agasti kodwa kuze kube manje ubhala uyacisha.
“Sekuphele izinsuku ezingu-17 ngasebenza kodwa kuze kube manje angikaze ngithole ngisho indibilishi. Okubi kakhulu wukuthi abasizi engangibaqashile bangihlezi entanyeni. Uma ngimfonela noma ngimsendela imiyalezo akaphemduli,” ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ntambama.
Uqhube ngokuthi okumcika kakhulu wukuthi uyazi ukuthi uKhuzwayo unayo imali kodwa akamkhokheli.
U-Ayanda uthi umnqumela ugwayi katiki umnika izinsuku eziyishumi emuva kwalokho uzowuchama awuphuze.
IPurpose iyakuqonda ukuthi lomqhudelwano wawuxhasiwe. Phakathi kwabaxhasi kubalwa uMnyango weziMidlalo, ubuCiko, namaSiko, uMaspala weTheku, MTN nabanye abaxhasi.
“Kwakunaqembu angu-40 angenela umqhudelwano ukhokha u-R1000 iqembu ngalinye lokho okwamshiya noR40 000. Awukwazi ukuthi uhluleka ukukhokhela umsebenzi wami,” usho kanje.
ULusanda Ndlovu owayesizana no-Ayanda ukhala esifanayo futhi uvumelana nozakwabo.
“Sasebenza senza konke ngaphansi kwe-Ayanda Shots kodwa uma sekumele sikhokhelwe kuvuka izinkulumo. Sifuna imali yethu hhayi okunye,” usho kanje.