Ezemidlalo

Injabulo iChiefs ikhonka udonga ngesiqongqwane 

KUNTWELA ezansi kwiKaizer Chiefs okuvela ukuthi imtholile umdlali wasemuva ozoqinisa udonga.

Nakumafolosi iyashoda njengoba isithungatha umgadli obukhali.

IChiefs kubikwa ukuthi isivumelene ngokudayiselana ngomdlali wasemuva wase-Angola, u-Inacio Miguel nePetro de Luanda.

La makilabhu amabili aseziphothulile izingxoxo, avumelana nangemali okuzodayiselwana ngayo lo mdlali.

Manje osekusele wukuthi u-Inacio afike asayine inkontileka kuleli sonto njengoba naye esevumelene neChiefs ngemihlomulo, ngokubika kwe-FARPost.

Lokhu kusho ukuthi iChiefs isisayinise abahlamu kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali, kulandela ukufika kukaBongani Sam, uRushwin Dortley, uFiacre Ntwari noGaston Sirino.

Lo mdlali wasemuva, oneminyaka engu-28, okwaziyo ukudlala emuva kwesokudla, ubengumdlali ovelele kwiPetro de Luanda ngesizini edlule kwiligi yase-Angola.

Kuvela ukuthi umqeqeshi uNasredine Nabi kulindeleke ukuthi akhiphe isinqumo ngomgadli olethwe uMike Makaab eqenjini ukuthi limbheke.

 

Related Articles

Back to top button