UMapaputsi uphika eyokuthi uyidonsa ngamazinyo ingubo
Liya Mseleku
UMCULI wakuleli uSandile “Mapaputsi” Ngwenya uthi uphile saka. Lokhu kulandela imibiko yokuthi ulele phansi emzini wakhe eSoweto.
IThe Purpose imfonelile izama ukuthola ubuqiniso kule mibiko yakamuva.
Nokho uMapaputsi wodumo lwe-album Izinja uyichithile lemibiko.
“Kusho ukuthi ngisazophila uma sebethi ngigulela ukufa, abobhayizane labo babhayizela la kimi ngake ngayisho leyo engomeni. Uma ufuna ukukholwa bheka amastatus wami ezinkundleni zokuxhuma. NgiseThekwini ngikhuluma nawe,” usho kanje.
Etshelwa ukuthi imenenja yakhe eqinisekise lezi zindaba kweminye imithombo uphendule ngokuthi yena imenenja yakhe uNkulunkulu.
“Anginayo imenenja mina, kodwa uNkululunkulu uyena ophethe impilo yami,” usho kanje.
Imithombo yabezindaba eGoli ibike ukuthi lo mculi ulele phansi kanti nemenenja yakhe engabhalwanga igama izwakalise ukuba manqika uma ibuzwa ngempilo yalo mculi.
“Akukho okuthembisayo empilweni yakhe, ugule walala embhedeni kusukela ngo-Okthoba ngonyaka odlule. Okubi ukuthi uyenqaba ukuyothola usizo esibhedlela,” kucashunwe umthombo usho kanje.
Omunye umthombo ucashunwe uthi lesi sihlabani sinqabela ngisho izivakashi kwaso. Abantu abavumeleke ukusondela kuye amalunga omndeni wakhe.
UMapaputsi uyaziwa ngezingoma okubalwa Kleva, Manga Manga Business, Lisa nezinye.