Ezokungcebeleka

Usenjeni uMaphorisa osolwa ngokuxhaphaza uSamthing Soweto

Liyah Mseleku

ABATHANDI bomculo ezinkundleni zokuxhumana basempini balwelwa uSamthing Soweto ukuthi athole ubulungiswa.

Lokhu kuza emuva kokuthi uDJ Maphorisa ekhiphe ingoma yama Piano neqembu iMas Music esihloko sithi Amalanga Awafani. Okuthusa abaningi naye uqobo uSamthing Soweto ukuthi alibhalwa igama lakhe.

Lo mculi osekhiphe amanoni okubalwa iLotto, Akanamali, Amagents namanye uzwakalise ukudumala engaliboni igama lakhe.

Kube sengathi uyayihlomisa abanye abalandeli bakhe bathunela i-email kwaSpotfy bewazisa ngale nzukazikeyi.

IPurpose inayo i-email ezwakalisa ukudumala nokunxenxa uSportfy ukuthi uthathe izinyathelo ezinqala.

Nokho uphendule ngokuthi uzolifakela izibuko lolu daba.

Umculo wona ubusasekhona kuSpotfy awukakhishwa.

Uma ulilaleisisa kahle leli culo uSamthing Soweto uhamba phambili kulo.

UMlungisi Ntshangase uphawule wathi: “UDJ Maphorisa uyisibonelo somuntu onomhobholo. Lo muntu uthola amagigi eMzansi naphesheya ne-album yakhe noKabza Da Small yenza kahle kodwa ucindezela abanye abaculi. Ufuna kukhale esakhe isicathulo.

Charlie Afrika uthe : “UMaphorisa uSathane uqobo futhi onomhobholo. Yini ndaba bonke abantu aseke wasebenza nabo behlezi behlezi bekhala. Kungani ebenza kabinkanje abantu asebenza nabo,” kubuza u-Afrika.

Abanye basabise ngokungawathengi amathikithi emicimbi anegama likaDJ Maphorisa.

Kuvele nendaba yokuthi wamangalelwa intombi yakhe uThuli P kodwa lolo daba lafakwa ngaphansi kwamata.

Kugcine sekuvela negala likaSir Trill njengomunye ocindezelwa uDJ Maphorisa.

UDJ Maphorisa ungene kwi-Instagram waziphendulela ethi into ehlula uSamthing Soweto ibhizinisi nendlela yokuziphatha.

“Ngeke ukuthi iculo lenzelwe endlini yami kodwa yena afune ukuthatha konke. Yena noSir Trill bayefana indlela abaziphatha ngayo. Uma kuthiwa uSamthing Soweto akaziphethe kanje ngabe ukude. Ngiwumlandeli wakhe impela kwamina kodwa ngeke kulunge. Uma nifuna ukukhansela umuntu kwenzeni kimi ngizobuya senginamandla amaningi. Okungenzeka wukuthi leli culo lisuswe noma sibe nesivumelwano esihle naye,” kubhoka uMaphorisa kubonakala ukuthi udiniwe.

Related Articles

Back to top button