Izindaba

Umdlali kwelokuhubha umqeqeshi ngommese

UMGADLI osegudle amakilabhu amaningi kwiPremier Soccer League uRuggert Nyundu, usolwa ngokukhiphela umqeqeshi weKruger United ummese efuna ukudlaliswa ngenkani.

Le kilabhu yase Bushbuckridge, eMpumalanga, isanda kukhushulelwa kwiMotsepe Football Foundation njengoba ibigijima ku-ABC Motsepe League.

Ngokubika kweKickoff.com ngoLwesibili, uNyundu wafika ejimini umqeqeshi uVusi Mkhatshwa ematasa wathi ucela ukujima, umqeqeshi wamtshela ukuthi akalinde kancane uzokhuluma naye emuva komsebenzi.

Kuthiwa ufika ejimini nje, kwase kwedlule isikhathi ekwakumele afike ngaso ngaphambi kokuqala kwesizini.

Wathi into ebimbambezele wukuthi bekushoniwe kubo.

Ngokusho kwe-team manager uBongani Wati uNyundu, wathukuthela waganwa unwabu, wabonakala eqonda emotweni wabuya nommese wajijimeza uMkhatshwa.

 “Kwathuka wonke umuntu ngesikhathi uNyundu ethuka umqeqeshi emtshela nokuthi uma engamdlalisi naye angeke abe umqeqeshi weqembu. Okubuhlungu ukuthi akaqali ukugila lomkhuba, nangesikhathi sisadlala kuMotsepe League wajaha esinye isikhulu simkhuza ngokuhlupha njengoba wayephuzile,” kusho uWati.

Eziphendulela uNyundu uthe bamqambela amanga abeKruger.

 “Labantu bacabanga ukuthi ngiyingane. Ngazikhandla kanzima ngashaya amagoli ayi-16 ngilwela ukuthi iqembu likhuphukele phezulu. Bona benzani emva kwalokho? Basilahlise okwamafinyila. Namanje asikazitholi izimali abasithembisa zona. Manje ngoba sebeyabona ukuthi badonsa kanzima njengoba sekuqale isizini sebefuna ukungibiza ngizobasiza? Abakhohlwe ngoba mina manje sengigxile eqenjini lami elisha iPhezulu FC eqeqeshwa uDikgacoi Dikgacoi owadlala kwiBafana Bafana naphesheya,” kuphefumula lo mdlali.

UNyundu oseke waba semabhukwini AmaZulu, Pookwane City neBlack Leopards.

Related Articles

Back to top button