UGatsheni emkhakheni éqavile kumaSATMA
Liyah Mseleku
UMCULI kaMaskandi uGatsheni uthwelwe ngeqoma abaningi emuva kokuqokwa emikhakheni ebalulekile emcimbini we-19th South African Traditional Music Achievement (Satma) Awards walo nyaka.
Abaculi abaqokiwe bamenyezelwe emcimbini obuse Freedom Park Museum ePitoli ngempelasinto.
UGatsheni uqokwe emikhakheni ethathwa njengebalulekile. Ingoma yakhe eyashisa izikhotha ethi, Hit After Hit imfake shi emkhakheni weSong of the Year.
Okuqaphelekile wukuthi nguyena yedwa umculi kaMaskandi oqokwe kulo mkhakha.
Uqhudelana nabaculi abafana noMr Vee Sholo, Thizwihangani Nemanashe Tzafenda, nabanye.
Phezu kwalokhu, uGatsheni uphinde waqokwa kwindondo yeBest Maskandi Artist/Group.
Kulena uncintisana nabanye abaculi bakaMaskandi okubalwa uSminofu, uGqizile, uShumi Lezinsizwa, noMdumazi.
Yize kunomqhudelwano onzima, uGatsheni usanethemba futhi ubonga ukuqokwa.
Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bameseke ngokuvota.
Ekuqaleni kwalo nyaka, impumelelo kaGatsheni ibonakale ngesikhathi ewina indondo yeBest Newcomer kuma-2024 Cultural and Creative Industry Awards ngoMashi.
Uphinde waba sematheni ngo-Ephreli ngesikhathi ecula kwi-2024 Mother of All Maskandi Festival.