Izindaba

Kulale uyaca amaphoyisa ebulala (6) eSouth Beach

Liyah Mseleku

KUSALE enkundleni abasolwa abayisithupha kulandela ukudubulana namaphoyisa eSouth Beach, eThekwini ebusuku.

Labasolwa kubikwa ukuthi bebewuhlupho emphakathini futhi bebefunwa uthuli ngamaphoyisa ngemuva kwesigameko sangempelasonto.

Kubikwa ukuthi badubule abantu abahlanu emakhanda bebalalise phansi emgaqweni kwaNdengezi entshonalanga yeTheku.

Oyedwa wezisulu kubikwa ukuthi kwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela.

Ngokubika kwamaphoyisa abafana abancane bebezihlalele eceleni komgwaqo ebusuku ngesikhathi behlaselwa yila basolwa.

 Kuthiwa bafike ngemoto babalalisa phansi bebakhombe ngezibhamu base bebadubula bonke emakhanda.

Ekhuluma eSouth Beach, eThekwini ngemuva kokudutshulwa kwalabasolwa, uKhomishana wamaphoyisa kwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi, uthe amaphoyisa abesezithendeni zabasolwa.

“Sithole ulwazi lokuthi labafana baselokishini elithile nokho sigcine sihosha umoya wokuthi bakuleli flethi babhukhe kusukela ngoMgqibelo. Ikhona ke insizwa ebabhukhele ngenhlanhla yayo ebingekho la, sisayizungeza sifuna nayo. Labafana abawu-6 athe amaphoyisa uma efika kwase kuba nokudubulana okubekhona. Ngenhlanhla amaphoyisa akalimalanga kodwa abafana balele laphaya nezibhamu zabo abakade bebulale ngazo abantu kwaNdengezi,” kusho uMkhwanazi ofike mathupha endaweni yesigameko.

Labasolwa babalwa nabanye abamise kabi osomabhizinisi bezipaza emalokishini nasemakhaya bebakhokhisa imali “yokubavikela” ngenkani.

Related Articles

Back to top button