Umlingisi uCarlos Radebe utakulwe uMsamariya onesihawu
Philasande Luthuli
UKUGULA komlingisi uCarlos Radebe kuhlabe kwezwela kuqweqwe lomqondisi wemidlalo yethelevishini uMandla N osemphendlele umsebenzi emdlalweni Isiphetho: Destiny.
UCarlos uphumele obala ezinkundleni zokuxhumana, emisakazweni, nakuma Podcast evela ebalisa nangokuthi usenokhwantalala ngenxa yokungaqashwa.
UMandla N ongumphathi weBlack Brains Pictures esikhiqize imidlalo eminingi enohlonze uveze ukuthi imthintile indaba kaCarlos, wabona ukuthi akaxhumane nethimba lakhe elibhala i-script babone ukuthi iyiphi indawo angayilingisa.
“Ngenhlanhla sike sasebenzisana naye kwi City Ses’la nakhona futhi lapho wayebhekene nesimo esicishe sifane nalesi. Ngokwami ngibona kuwumsebenzi wethu ukuthi silekelele lapho singafinyelela khona,” kusho uMandla N kwiDrum.
Eqhuba uthe: “UCarlos ungumlingisi onethalente eliyisimanga manje kubuhlungu ukumbona ebhekene nalesi simo. Phambilini bakhona abanye esike sabasiza. Kulo mdlalo azovela kuwo ugabe ngokuba nabalingisi abanegama njengoSindi Dlathu, Themba Ndaba noLinda Sokhulu kanti ukufika kwakhe kuzokwenza kube mnandi kakhulu.”
UMandla N uthi ukholwa ukuthi izimo ezibhekene noCarlos zingagwemeka uma uhulumeni engafaka igxalaba emkhakheni wokungcebeleka.
Uthe ikusasa angeke ulazi ngoba naye hleze engazithola ekulesi simo kanti naye uyolindela ukusizwa.
Uvale ngokuthi nawo amaciko kumele aqikelele ayilondoloze kahle nemali.
“Abanye bethu uma bethola imisebenzi emikhulu, sivele sifune ukuphila impilo ewubukhazikhazi senzele ukubukwa abantu kanti eqinisweni ngokwemali leyo mpilo ayihambisani nathi.”