Ezemidlalo

Kube mnyama kwiPirates idliwa kowamanqamu

Indumalo beyibhalwe ebusweni kuJose Riveiro ngemuva kokuhluleka ukuvikela iNedbank Cup okwesithathu kulandelana.

EzikaJose Riveiro zishaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Bekubhekwe ukuthi lo mqeqeshi aqophe umlando ngokuba owokuqala ukuyivikela amahlandla amathathu kulandelana.

I-Orlando Pirates beyisiyinqobe kabili kulandelana le ndebe. UJose Riveiro ukhale ngokuthi umdlalo awubavumanga neze.

“Bekuwumdlalo omubi. Ubumubi kusuka uqala waze wayophela,” kusho uJose Riveiro ngemuva komdlalo.

“Asidlalanga ibhola elihle ngoba besidlala nangoLwesibili. Siwuqale kabi umdlalo, bathole iphenathi bathola igoli.

“Sikwazile ukubuya, besingcono ngemuva kwalokho. Esiwombeni sesibili bewumiswa njalo umdlalo.

“Kube nemizuzu cishe emihlanu la iChiefs beyingcono kunathi. Bakwazile ukuthola igoli lesibili, sazama ukubuya kodwa akwengenzeka.

“Sidlale imidlalo yamanqamu eyisithupha, besingeke siyinqobe yonke,” kuqhuba uRiveiro.

“Ngibongela ikilabhu (iPirates) nabadlali ngomsebenzi wabo. Bekungelona usuku lwethu namuhla.

“Kodwa sizobuya,” kusho lo mqeqeshi. Akucaci ke ukuthi ubesho ukuthini ngoba yena uyahamba kwiPirates ekupheleni kwesizini.

“Ngeke ngizisho izizathu ezenze sahlulwa namuhla okwamanje. Kodwa ngiyazi khona ukuthi kungani sihlulekile.

“Asikwazanga ukuthola izikhala ebesizifuna. Yilokho engizokusho okwamanje,” kuchaza uJose Riveiro.

IPirates kuzomele isheshe ikudlulisa ukuphoxeka njengoba ngoLwesithathu inomdlalo obalulekile weBetway Premiership neGolden Arrows.

Yize isele ngegebe elikhudlwana kwiMamelodi Sundowns kwiligi, iPirates isenalo ithuba lokuthi ingayidla le ndebe.

Kodwa ukuze kwenzeke lokho, kuzomele ithembele kwamanye amaqembu ukuthi ayikhubele iSundowns ukuze bayifice.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button