Ezemidlalo

Umqhudelwano webhola ozohlomulisa intsha eThekwini 

Bahle Mkhize

Uthulwe ngempumelelo umqhudelwano iStandard Bank eThekwini Under 19 Cup kwekomkhulu leStandard, eKingsmead, kuleli dolobha.

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko, namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula ubekhona ehambisana nomengameli weSAFA uDr Jordaan.

UKhawula uchaze iStandard Bank nokubambisana neSAFA njengenqophamlando.

Uthi lo mqhudelwano uwubona unaba isifundazwe sonke uhlanganisa intsha uphinde uyigqugquzele kwezemidlalo.

Uthwese uphaphe lwegwalagwala uDr. Jordaan neSAFA washo nokuthi babheke lukhulu ekunabukiseni ithalente elisha.

“Sibheke izinto ezinkulu ukuba zenzeke kulesi sifundazwe, abantu bakwaZulu-Natal bayazithanda ezemidlalo,”

“Kufanele labo abasemagunyeni ngabe ibhizinisi, kuhulumeni noma ebuholini bomphakathi benze izinto zenzeke”

“Siyathobeka kakhulu ebuholini buka baba uMazwi Mkhize kwiSafa region eThekwini,”

“Siyafisa kungabi yinto egcina la eThekwini, kodwa isabalale naso sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal,” kusho uKhawula.

Oyinhloko yakwaStandard Bank KwaZulu-Natal, u-Imraan Khan uthi lo budlelwano obuzoqalwa manje unesifio sokuthi bakhule.

“Sifuna ukufinyelela emphakathini sifundise ngezinhlelo ezithile sibafundise ngokugcinwa nokutshalwa kwezimali,”

“Sijabulile, umzuzu omuhle kakhulu lo, ohlangothini lweStandard bank sithi alisuke lihlale,” kusho uKhan.

“Ukwakheka kwalo mqhudelwano wabangaphansi kweminyaka engu-19 kuzoba yisisekelo seqembu lesizwe labanemininyaka engaphansi kwa-20,”

“Sake sakhuluma nabaqeqeshi ukuthi babheke kubadlali basezikoleni abadlala le miqhudelwano. Okunye okubalulekile ukwakhiwa kwezikhungo zokudlula ibhola kulo lonke leli,” kuphetha uDr Jordaan.

Related Articles

Back to top button