Izindaba

URamaphosa ubuyise ithemba ngezindlu eCornubia

Sihle Mkhize

Nakuba uMongameli uCyril Ramaphosa enuka iqaqa kwabaningi kodwa abantu abayi nganxanye njengamanzi.

Akungatshazwa ukuthi iningi eThekwini alimfiseli oluhle kodwa namuhla, (Lwssine) uvule ngokusemthethweni i-Cornubia Integrated Human Settlements Project.

Lo msebenzi wokunikezela ngezindlu wenziwe waqondaniswa nezinsuku zokuya kovota njengoba umhla ka-4 November ususemome.

Iphinde yakhele nemiphakathi eyinhlanganisela, izakhamuzi zizokwazi ukusondela emathubeni emisebenzi, ezinsizakalweni zikaHulumeni nakwezinye izidingo ezibalulekile.

Iphrojekthi yaseCornubia ihlose ukwakha izindlu ezingu-12 593, ezizohlinzekwa ngezinhlelo ezahlukene, okubalwa kuzo izindlu zomxhaso kahulumeni zeBreaking New Ground (BNG), uhlelo lweFirst Home Finance oluqondiswe kubantu abahola imali yokukwazi ukuphila, kanye nezindlu zomphakathi eziqashiswayo.

Ngokwesitatimende sikaMasipala weTheku kusukela kwethulwa le phrojekthi eminyakeni engaphezu kweyishumi edlule, sekwethulwe izindlu zomxhaso ezicishe zibe ngaphezulu kuka-3 000.

Muva nje, i-Cornubia yamukele iqembu lokuqala elingu 113 lezisulu zezikhukhula zango-2022 ezithuthelwe ezindlini zazo.

Kusakhiwa ezinye izindlu ezingu-146, okulindeleke ukuba ziphothulwe ngoDisemba 2026.

URamaphosa ubeseMgababa izolo njengoba ematasa ekhankasa.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button