Unqobe sekuvalwe amehlo uKhanya (3) emncintiswaneni weDanasoli Clothing
Aphe Singela
BAQHILIKA izihlathi abazali baKhanya (3) Dlamini onqobe umncintiswano wodado kwiDanasoli Clothing sekuvaliwe amehlo. Uyise kaKhanya uSiza Khwela, uthi ujabulile ngokunqoba kwendodakazi yakhe njengoba ibalwa nabanye odado abathathu abambe phambili ngamavoti.
“Kuyajabulisa ukubona indodakazi yami enhle inqoba lo mncintiswano. Kusho lukhulu kimi njengomzali,” kusho uSiza.
UKhanya ozalwa endaweni yasemakhaya kwaThoyane, eFakazi, akasiye umafikizolo kule ndima nakuba eneminyaka emithathu. Uyise uveze nokuthi bese benesikhathi belokhu bezama ukumfaka ezintweni.
Uthi indodakazi yakhe iyakwazi ukulungela ukushuthwa nokulalela ukuthi yenze njani phambi kwamacamera.
UKhanya Dlamini (3) Dlamini onqobe umncintiswano wodado 📸: Facebook
Mayelana nemihlomulo uSiza uthi okwamanje bazi ukuthi uKhanya uzoba yinxusa kuphela.
“Besingakohlali phansi nabakwa Danasoli sizwe ukuthi yikhuphi okunye okuzokwenzeka. Sisabone ezinkundleni zokuxhumana bebongela umntwana,” usho kanje. Ube esebonga bonke abantu ababambe iqhaza.
Kuke kwasuka isididi uKhanya esala ngaphandle ngephutha ekubeni evunywa amavoti. IDanasoli ililungisile lelo phutha yenza isimemezelo esiphithumayo ekhasini lalo.
“Njengoba senazi, uKhanya uzoba yingenxe yamanxusa ka-2024 kwenzeka iphutha eshiyeka ngaphandle kwabathathu abahambe phambili. Lesi kube isinqumo sethimba iDanasoli siyakubongela Khanya Dlamini,” kubhala iDanasoli Clothing.
Unina womntwana uSphume uthe: “Bengibona abantu bevota ngokukhulu ukuzimisela ngosuku okwavalwa ngalo ukuvotela itop 3 kwavela kimina ukuthi uKhanya ngokwama voti ayewatholile ungenile. Ngaba nokukhulu ukudumala ngosuku olulandelayo sekumenyezelwa abangenile lingasaveli igama lengane yami kodwa ke nakhona lapho ngazitshela ukuthi ngeke ngililahle ithemba sisazobuye sizame ngoba ngibona amacomments ayewathola ngaba nethemba lokuthi abantu bayalibona ithalente,” kusho uSphume.
Uphethe ngokubonga abakwaDanasoli Clothing.
Le nkampani imandla ekudayisweni kwezimpahla zokugqoka zodado.
IDanasoli Clothing iqanjwe ngoNhlalonhle Mazubane owazekhela udumo ezinkundleni zokuxhumana evela ethi “Mam Dube mfethu angikazwazi ukubhala”. Izimpahla zeDanasoli ziyatholakala esitolo kwa-Edgars. ULiyema Khumalo uye ohambe phambili ngamavoti.