Ezokungcebeleka

Kudlise umsenko kwethulwa uhlelo olusha kuTV

Sane Mseleku

OSAZIWAYO bakuleli bafike beswenke beconsa emcimbini weQueendom ozodlala kwiBET (DStv 129). Lo mcimbi ubuwubukhazikhazi ububanjelwe eKings Kraal, eBryanston.

Izihambeli, zithole ithuba lokubukiswa ugabigabi wezinye iziqephu ezizobe zikhonjiswa kule telenovela ezoqala ngoMsombuluko ngo-6 kusihlwa.

Lomdlalo uzokhombisa ababukeli ukushayisana kwemihlaba emibili phakathi kwentaba uKhahlamba kanye nelokishi laseTsakane. Kulindeleke nabadlali abadumile okubalwa uSindi Dlathu, Hamilton Dlamini noLinda Mtoba ozodlala indawo yomlingisi ophambili uNtandokayise.

Kwesinye seziqephu esizodonsa amehlo abantu yilapho uNtandokayise ethola emuva kweminyaka engamashumi amathathu iqiniso lokuthi uyena indlalifa. Kumele athathe isihlalo sobukhosi saso Khahlamba.

Ebeka uLinda emcimbini uthe abesifazane nabesilisa bahlezi besebenzisana kusukela kudala kuze kube yimanje.

“Abesifazane bakwazi ukwenzo konke” kusho uLinda Mtoba. Uthi okuthusayo wukuthi kuhlezi kuthiwa kunento eyenziwe umuntu wesifazane okokuqala ngqa ekubeni kudala benza izinto.

ULinda uthi kubalulekile ukudlala imidlalo ekhombisa zonke izingane ukuthi noma yini zingakwazi ukuyenza. Zingagcini nje ngokuphupha nokufisa kodwa zibone ukuthi abesifazane nabo abahlulwa yilutho.

Phakathi kwabadlali abanamava ababoshelwe kukhona uPallance Dladla, Themba Ndaba, Dawn Thandeka King noSlindile Nodangala nabanye.

Related Articles

Back to top button