Ezokungcebeleka

Isibalo siphezulu sozaziwayo abashadayo kulo nyaka

UMDLALI ohamba phambili kwiHouse of Zwide uBrenda Mukwevho usephumile emakethe njengoba esezobopha ifindo lomshado.

Lo mlingisi nomyeni wakhe uRashaka Muofhe bamemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bazohlanganisa imindeni yabo.

Injabulo nomfutho abenawo uBrenda ngokuhlanganisa lemindeni ayichazeki, “Ngiyavuma kaninginingi futhi ngiyakuthanda,” ubhale kanje uBrenda.

Lezi zithandani zigubhe usuku lwazo nemindeni nabangani abasondelene, umcimbi ubuhanjelwe osaziwayo abaseduze nabo.

“Kwaze kwayinjabulo nothando kumndeni nabangani,” kusho uRashaka. Kwizinkundla zokuxhumana kugcwele izithombe zabo nabangani bebafisela izilokotho ezinhle.

Kulo nyaka osaziwayo asebebophe ifindo lomshado kubalwa umculi uCassper Nyovest noKope Makgae, uKope Tswyz Makgae noMpotseng

UCassper ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi ubonga uMdali ngakhokonke abenzele khona, ubonga futhi nokuthi ukhethe yena nokumkhuthaza ukwenza kahle. Wathi lonke ithemba lami likuye.

Osondelene nabashadikazi wadalula ukuthi umshado wawungeyona ivideo yomculo kodwa kwabe kuwumcimbi omncane womndeni. Wawungenabo osaziwayo nokwaba izinhlelo zomndeni.

Kuthiwa lezi zithandani zabe zihlose ukuzolobolana ngalolo suku kodwa kwagcina sekwenzeka konke kwaboshwa nefindo lomshado.

Umdlali uKope Tswyz Makgae ushade nesithandwa sakhe sakudala uMpotseng ngo-Ephreli ePont De Vaal. Naye ukhombise izithombe zabo nomkakhe kwi-Instagram njengabanye osaziwayo.

Related Articles

Back to top button