Ezokungcebeleka

Ugeqa amagula umsakazi owayeshade neqhawe leKaizer Chiefs

Sane MselekuĀ 

UMpho Maboi obesakaza ezemidlalo kwiMetro FM ugeqa amagula ngomshado nokwehlukanisa noReneilwe Letsolonyane obedlalela iqembu leKaizer Chiefs.

Ngonyaka ka-2017 uMpho wabopha ifindo likasofa silahlene emshadweni okwakumenywe kuwo izihlobo nabangani kuphela.

Uthi ufunde lukhulu emshadweni, wazinikela kakhulu ngakho konke wagcina esezikhohliwe yena uqobo ejabulisa umyeni wakhe.

Ngo-2015 uMpho waqala ukusebenza kwiMetro FM nethimba leFresh Breakfast with DJ Fresh.

“Sengiyayazi into engiyifunayo manje empilweni, futhi angisangabazi ukuzibeka mina phambili kukho konke. Mhlawumbe yingakho ngingenamuntu kuze kube yimanje,” esho ehleka.

Uthi ngaphambi kokuthi angene othandweni ufuna ukuzijabulisa naye hhayi ukujabulisa omunye umuntu ngoba lelo phutba useke walenza.

Ubeqeketha zonke lezi ndaba kwiPodcast kaDJ Fresh. Uqhube wathi okubuhlungu ukuthi abesifazane kuphela okumele bazinikele ngakho konke baphinde bajabulise abayeni babo. Uthi abesilisa abakwenzi lokho. Uze wacacisa ukuthi banendaba nezimpilo zabo kuphela abamkhathaleli omunye umuntu.

“Abesilisa banesibindi esimbi ngoba bakwazi ukuzinaka bona nezinto abazithandayo bangabi namahloni futhi bangabi nendaba nawe okhona empilweni yabo,” usho kanje.

Uthi asekunakile manje ukuthi uma umuntu wesifazane ethatha isinqumo sokuhlukanisa umphakathi umbeka amabala umthuke ngazo zonke izinhlamba.

Ngiyaxolisa ukufaka igama lika-Enhle no-Emile no-Unathi bake bamnyakazisa,” kuqhuba yena.

Enye yezinhlamba ayidalulile ukuthi ubizwa nge “gold digger” uthi kuyamthusa ngoba uneminyaka evuka ngovivi eya emsebenzini akazi noma igold digger lingakwenza yini lokho. UDJ Fresh wengeze ngokuthi ngonyaka ka-2003 uMpho wayevele esebenza eyi-IT specialist ehamba ngonyanyavu lwemoto.

UMpho uthi akakaze angasebenzi kuyamthusa lokhu okushiwo abantu ngaye. Baze bahlukanisa ngo-2021.

Related Articles

Back to top button