UNjoko ubizwe ngesikhotha mtho#$&@ abalandeli beGcokama
Bahle Mkhize
UMCULI kaMaskandi uKhawulani “Njoko” Mbambo usebhodle ngokubizwa ngesikhothamtho#$&+ nokudlelwa uMthandeni isigingci wangaphinda wasibuyisa.
Lo mculi waseNkandla wodumo lwengoma Zamemeza Izingane ubalule nokuth ubizwa ngesikhothangqoko abalandeli baMthandeni uma eke wancoma uKhuzani.
UNjoko uthi uma encoma uMthandeni uphenduka iqhawe ekubeni lo mculi engakaze athi vu kusukela uma ekhipha umculo nangesikhathi enqoba kwiKhuphuka Nezakho Maskandi Festival isheke lika R100 000.
“Ngicela ukubhodla nje namhlanje ngikhiphe konke ngoba vele mhlawumbe lento ngiyikhuluma okokugcina.
Ibuhlungu lempilo engiphila emculweni selokhu ngabakhona nje, kodwa ngibe ngingenayo inkinga nanoyedwa umculi.
Yabona nje ukubheka nqo mina angikaze ngaba nakancane nenkinga noSK selokhu ngafika. UMthandeni wafika kimi wathatha isiginxi sami edlala uLive asiphindanga sabuya, kodwa akaze ungizwe sengilokhu ngilwa ngalokho. Ngadlula kukho nje ngazithulela. USK uma enze kahle angikaze ngihlale ngingakuncomi akwenzenzile esidlangalaleni, ungabheka uzobona. Uma ngike ngabhala nje ngoKhuzani sengisincelamthondo ngiyiyo yonke into lena ongayicabanga, mina ngiyazwana kakhulu noKhuzani kodwa angikaze ngingene ezimpini zakhe noMthandeni kodwa abalandeli bahlale bengifaka lapho. Ngifuna ukusola yena uMthandeni kulokhu, mfethu uma ezimpini zenu kukhona la ongifaka khona unephutha ngoba akaze ngaxaba nawe. Ngiwinine R100 000 zolo lokhu akaze uthi vu ngami, ngisho ngikhipha i-album awukaze wathi vu ngami, kodwa akaze ngibe nankinga ngalokho mina sdalo.
Kunalokho kumele ngilokhu ngizama ukuziveza ukungabi nankinga kubantu abakwesekayo wena uthuli du. Mina kuwe nabalandeli bakho ngifana nembambi kodwa ngibe ngingakaze ngaba nenkinga ngenxa nje yokuthi ngiphila noKhuzani. Ibuhlungu lempilo ngoba niyazi angikaze ngaba nencane inkinga mina kodwa ngizondelwa ukuphila noKhuzani
Uma ngiposter uSK ngiyinkunzi kodwa uma ngike ngaposter ngoKhuzani ngiyikhothanqoko, kodwa loKhuzani uyena okwazi kungibongela angipost noma ngikhipha umsebenzi kodwa uSK akaze athi vu ngami ngibe ngingenacala ngingakaze ngingene kwazimpi zabo.
Kusuka manje nami angisobuye ngisho lutho seniyazi futhi niyaqonda anginankinga naye sengizame kaningi ukuveza lokho. Kungani ningiphilisa kabuhlungu kanjena ngibe ngingonanga muntu,” usho ksnje uNjoko.