Izindaba

Kudutshulwe kwabulawa ilunga lomndeni wekhansela e-Adams

Sane Mseleku

KUDUTSHULWE kwabulawa ilunga lomndeni wekhansela uMnuz Sphephelo Mnyandu, e-Adams Missions, ogwini oluseningizimu yeTheku.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesine ntambama.

Umufi uMbongeni Mnyandu (42) udutshulwe ehlezi egcekeni kubo nomfowabo uMkhaba kanye nomshana obekhona.

UMkhaba usinde ngokulambisa waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba okudutshulwa, kwathi umshana wasinda kwintululwane yezinhlamvu.

Umthombo wePupose uthe umufi uzidalele amazinyo abushelelezi ngesikhathi esiza owesifazane obebanjwa inkunzi abesilisa abebehamba ngemoto.

“Imoto ibidlula emgwaqweni, babona umufi nomfowabo behleli egcekeni babaqhulula ngenhlamvu, washonela khona lapho uMbongeni. Umshana wasinda ngokulambisa,” kusho umthombo.

Ngaphambi kokudubula, kuthiwa abasolwa baye endaweni yokucima ukoma esendaweni Ezinyokeni bafike baphuca amakhasimende imali namaselula. Bathi mabephuma bahlangana nesinye isisulu naso basiphuca iselula.

Umndeni wakwaMnyandu uthi uhlukumezeke kakhulu ngokudutshulwa kwamalunga omndeni wawo.

UMnuz Sphephelo Mnyandu oyilunga lomndeni aphinde abe yikhasansela kule ndawo ekhuluma nePurpose uthe ufike endaweni yesigameko sekukhona namaphoyisa.

“Ngithole umbiko ngaphuthuma ekhaya ngafika sekugcwele amaphoyisa. Njengamanje asazi ukuthi obani abenze lesi senzo, nokho usindile uMkhaba umfana kabhuti kanye nomshana” kusho uMnyandu.

Ezinkundleni zokuxhumana ummdeni usabalalise umyalezo nesithombe samufi lapho khona ubhale kanje: “Kubuhlungu kakhulu emndenini ukumemezela ukushona kwendodana yethu uMbongeni Mnyandu. Amalungiselelo kanye nohlelo lomngcwabo lusazomenyezelwa ngesikhathi esifanele,”

Related Articles

Back to top button