Sekuzodlisa umculo nomdanso waseMzansi eMelika
Sane Mseleku
INKAMPANI yase-United States of America i-Universal Royalty Exchange (URE) ihlangane ne-Imbokodo Collecting Society ukudingida izindaba ezimayelana nokuqoqwa kwenzuzo nokusabalalisa umculo.
Le nhlangano izimisele ngokumaketha futhi iseke abaculi nabadansi bakuleli ukuthi basabalale kwelase USA, futhi bavuleleke namathuba abangakaze babenawo phambilini.
Ukuvuleka kweminyango yentsha yakuleli namathuba okumaketha umculo wabo e-United States of America, enye yezinto ezihlanganisa lezi zinkampani.
“Akukaze nasemandulo ukuthi kuhlangane abaculi baseMelika nabakuleli ngenhloso yokubumbana ukuze kusizakale intsha yaseMzansi eyayikade izabalaza ukungena emakethe yaseMelika,” kusho umphathi we-Imbokodo uSello “Chicco” Twala.
UTwala uqhube wathi idumela lomculo wase Nigeria kwelase Melika nase-Europe yilona elimenze walusukumela phezulu lolu hambo.
“Kuleli sinomculo wokudansa oseqophelweni eliphezulu, kunamakhono esanikwa wona umdali kulo lonke uhlobo lomculo kodwa asikaze siwasebenzise ngendlela efanelekile. Ukuhlangana ne-URE kuzoshintsha izinto kuleli, njengoba abaculi nabadansi bakuleli bezoshiya isigxivizo eMelika” kuqhuba uTwala.
Kulindeleke ukuthi umculo wamaPiano ngokubambisana neHip-Hop neRap, bahlanganise ulozolo oluzohlanyisa umhlaba wonke.
“Lomculo walolu hlobo, owokuqala ngqa, futhi uzoqopha umlando uphinde ube usiko oluzoqhubeka njalo, noluzokwenza umculo nomdanso waseSouth Africa udume umhlaba wonke” kusho i-Executive Director ye-URE uBruce Miller.
UMiller ungumfowabo womculi uMarry J Blige osebhalele inqwaba yabaculi abadumile okubalwa uJay Zee, Jah Rule, 50 Cent noMarry J Blige nabanye abaculi abaphezulu.
Imbokodo ne-URE inehhovisi eWorld Trade Center, eyenza iSouth Africa ibe ingxenye yezokujabula ezinamandla eMelika, eyenza ngaphezulu kuka $21 billion ngonyaka.
UMmeli ophinde abe yiCEO ye-URE uDavid Barksdale uthe : “Kuyintokozo enkulu ukwazisa umhlangano we-Imbokodo Collecting Society of South Africa ne-Universal Royalty Exchange. Lo mhlangano uzodingida ngokungatholi inzuzo phambilini kwamaciko nendlela entsha yokwenza abaculi bakwazi ukuthola okungokwabo ngesikhathi beqopha umculo”.
Abe-URE bazobamela ukumaketha kothelevishini, emabhukwimi kanye nakuma streaming platforms. Istreaming channel izobhekana nokumaketha ukushintshana kwamasiko, ezobonwa ngabantu abangaphezulu ku100M eMelika nakuleli.