Izindaba

UNgizwe empini yemali neMpucuzeko

Bahle Mkhize

UNgizwe Mchunu usenqumele uMnuz Xolani Mcineka ugwayi katiki mayelana nemali okuthiwa uyikweleta abaculi.

Ucashunwe yiTimes Live ethi uma abaculi bengakhokhelwa imali yabo njengoba kade beyonandisa kwiMpucuzeko Maskandi Festival kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa buzochitheka bugayiwe.

Abathandi bomculo kaMaskandi bebebuthene kwiMpucuzeko ebibanjelwe ePeoples Park, eThekwini ngesonto eledlule.

“Lento eyenziwe Impucuzeko ukudlala ngabaculi. Yingakho abaculi abaningi befa bengenamali, imindeni yabo ize ihluleke nokubangcwaba. Ungawuhlela kanjani umcimbi endaweni ebiza kanje, unabaxhasi abafaka imali kodwa ungabakhokheli abantu okuyibo abadonsa izinkumbi ezizobuka. Amahlathi lawa,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe uMcineka ungusomathuba.

“Uthatha amaciko kancane, ududwa ukuthi bayamethemba. Basuke bezitshela ukuthi uzokwenza iqinisi abakhokhele imali yabo.

“Abanye abaculi sebeze bakhuluma noNgizwe Mchunu ukuze abasize. Kukhona ababesuka ezindaweni ezikude njengaso Phongolo naseManguzi kodwa ababuyela emuva bengaphethe lutho”, kulandisa lo mthombo.

Ebuzwa uNgizwe ngalokhu, ukuqinisekisile ukuthi ukhulumile noMcineka, wamnqumela isikhathi sokukhokhela amaciko imali yawo. Uthe umtshele ukuthi mayengakhokhi uzovula icala emaphoyiseni aphinde atshele abaculi ukuthi bengalubhadi emicimbini ayihlekayo.

“Basebenzisa ithuba ukuthi bazicebise bona, ukuxhaphaza abantu lokho. Ngakhethwa ISilo ukuthi ngibe umengameli wamabhinca futhi ngiqinisekise ukuthi awaxhashazwa.

“Ngimnike umnqamula juqu wokuthi akhokhele abaculi zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa. Ungasho kanjani ukuthi awunayo imali ekubeni abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu bebe bakhokha imali engu-R150 yokungena umuntu ngamunye emcimbini wakho. Akusiyo into entsha ngoba kunabaculi osekuphele iminyaka emithathu bengakhokhelwe. Uma engakhokhi kuze kuphele izinsuku eziyisikhombisa ngizomvulela icala lokuxhaphaza abantu emaphoyiseni”, kusho uNgizwe.

UMuntuyenziwa ungomunye womculi ongazange adlale bukhoma njengoba kwakulindelwe kodwa ngenxa ngezinkinga okusolakala imali wagcina engadlalanga.

IPurpose imfonelile uMcineka kodwa ucingo lwakhe belungabanjwa futhi lingavumi ukushiya imiyalezo.

Related Articles

Back to top button