Ezokungcebeleka

Abaculi bakhalela ipleti emngcwabeni kaZanele

Philasande Luthuli

SEBEPHENDUKE undabamlonyeni nehlaya labo abakhalela ukungalitholi ipleti emngcwabeni womsakazi woKhozi FM uZanele Mbokazi.

UZanele “Mazet” Mbokazi (52) wayethula uhlelo Eshilo njalo ngeSonto.

Laba culi bathi banikela ngenkomo yonke emzini kaZanele oseLa Mercy ngesikhathi bezokhalisa umndeni kodwa bancishwa ukudla. Ngokomthombo weZimoja uthe:

“Umndeni wathatha isinqumo sokuthi ukudla kube semzini kaZanele oseLa Mercy, hhayi e-ICC nokuyinto eyaba inkinga ngoba kwukukude”.

Omunye umculi ongathandanga ukudalulwa uthe basiza lo mndeni kusukela ngoLwesine kodwa ngosuku lomngcwabo baphathiswa okwabantu abangelutho:

“Yashonaphi kanti inkomo esanikela ngayo? Kwakumele behlabe yona phela kwenzelwe abantu,” kusho lomculi.

UZanele washonela esibhedlela esiseThekwini emuva kokuhlatshwa ukugula nokwaholela ekutheni athathe ikhefu emsakazweni.

Kwavela ukuthi wabulawa isifo somdlavuza. Kuzokhumbuleka ukuthi uZanele ubesebuya ihlandla lesibili esebenzela lo msakazo.

Abaningi bazomkhumbula uZanele ngokuvundulula ikhono emculweni weGospel kanti nomncintiswano wezindondo obizwa ngeSABC Crown Gospel Music Awards awusungula ugqamise inqwaba yabaculi.

Related Articles

Back to top button