Izindaba

Ingebhe eNanda kutakulwa izidumbu emfuleni

UHLELI lubhojozi umphakathi waseMpophomeni, eNanda, kulandela ukutholakala kwezidumbu zabantu ezilahlwa emfuleni.

Lo mfula udume ngokuthi abantu balahlwa khona izinyanga nabathandazi. Abanye njengamasonto bawusebenzisa ukubhabhadisa abazalwane.

NgoLwesihlanu ekuseni amaphoyisa aseMtshebheni anikele kule ndawo ngemuva kokuthintwa amalunga omphakathi ozithele phezu kwesidumbu esinamanxeba okudutshulwa. Kuthiwa ngesonto eledlule kutholwe amathambo omuntu abesebola.

UMnuz Ndumiso Mzobe oyilungu lesigungu esibhekele umphakathi yakule ndawo utshele ILANGA ukuthi bakhungathekile njengoba sekuvamisile ukuthi amalungu omphakathi azithele phezu kwezidumbu zabantu okungebona basendaweni.

“Sibi isimo endaweni ngenxa yokutholakala kwezidumbu zabantu esikholwa ukuthi babulawa bese bezophoswa kulo mfula. Lo mkhuba usuthanda ukwanda ingakho sekunengebhe emphakathini,” kusho uMnuz Mzobe.

Umthombo uthe le ndawo ibisigadwa amalunga esigungu ngenhloso yokuthi bafuna ilawuleke ngoba abanye abantu bayisebenzisela ukuganga.

Uqhuba umthombo uthe kodwa muva nje abantu besebengena ngo dli ebusuku bafike baqhumise izibhamu bese beshaye bachithe ngezimoto.

“Sesiyasaba ukugada ngoba asihlomile ngezibhamu njengalabantu abafika baqhumise izibhamu. Sithandazela ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile singahlali sijeqeza njengezinyamazane.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe:

“Amaphoyisa aseNanda aphenya amacala amabili kulandela ukutholakala kwezidumbu zabantu, oyedwa uneminyaka engu 30 kanti omunye uneminyaka engu 40. Kusolakala ukuthi babulawe umsolwa eMachobeni ngoLwesithathu mhla ka-21 kule nyanga. Izidumbu zinamanxeba okudutshulwa.”

 

Related Articles

Back to top button