Izindaba
Trending

Imeya yeGoli iyaxolisa ngokweseka izifikanamthwalo

Bahle Mkhize

IMEYA yaseGoli uDada Morero uxolisile ngesiphakamiso sokuqasha abokufika eMnyangweni wamaphoyisa kamasipala waseGoli iJMPD.

NgeSonto, engqungqutheleni ye-ANC esifundazweni saseGauteng imeya esanda kukhethwa iphakamise ukuthi idolobha licabange ukuqasha abokufika abakuleli ngokusemthethweni ukuthi basebenze ku-JMPD ngoba bayakwazi ukukhuluma nokuqonda izilimi zabokufika abasolwa ngobugebengu.

Nokho, ngoMsombuluko Morero uvumile ukuthi ngemuva kokucabangisisa, ubonile ukuthi umbono wakhe awuhambisani nemigomo ye-ANC futhi noHulumeni. Ube esesihoxisa ngaphandle kwemibandela isiphakamiso sakhe.

“Ngiyaxolisa ngokukhathazeka engikudalile kwizakhamuzi zaseGoli kanye nezaseNingizimu Afrika,” usho kanje.

Ilekgotla ivumelene ngokuthi ukuhlula kwezilimu kwenza amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla kodwa yanquma ukuthi isisombululo esingcono wukuthi kuqeqeshwe amaphoyisa ukuze afunde izilimi ezikhulunywa ezindaweni ezinabantu abaningi abavela kwamanye amazwe.

Esiphakamisweni sakhe sokuqala, uMorero uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi amaphoyisa angaphandle kwaseNingizimu Afrika awakwazi ukuqonda noma ukukhuluma izilimi zase-Afrika.

Uthe abasolwa ababoshiwe bayakwazi ukukhuluma bodwa bahlele izitatimende amaphoyisa engabezwa ukuthi bathini.

USihlalo we-ANC eGauteng uPanyaza Lesufi ungenelele ukuze aqinisekise izakhamuzi ukuthi i-lekgotla isichithile lesi siphakamiso.

Iqembu le-EFF likhiphe isitatimende likuhlaba lokhu okuphakanyiswe uMorero. Abanye ezinkundleni zokuxhumana uX baphakamisa ukuthi akahoxiswe esikhundleni.

Kukhona abathi akuphenywe imvelaphi yakhe ngoba sengathi kwayena akuyena owaseNingizimu Africa.

 

Related Articles

Back to top button