Kukhonjwa owoMuvhango kubhidlika umshado ka-Asavela
Mleven Kazikiza
KUVELA ezithi umshado ka-Asavela Mqokiyana wodumo emdlalweni Isibaya udungwe uzakwabo osemkhakheni wokulingisa.
Iyindaba egudwini ezinkundleni zokuxhumana eyokuthi umshado ka-Asavela uqedwe uBuhle Samuels wodumo lokulingisa emdlalweni okubalwa iMuvhango neMbewu: The Seed.
U-Asavela ozalwa umqeqeshi weMamelodi Sundowns naye unikele ezinkundleni zokuxhumana wafaka ivideo lapho ebhadlaze khona ukuthi akasashadile.
Le ntokazi yake yaba undabuzekwayo ngesikhathi inameka izithombe ezinkundleni zokuxhumana iveza ukuthi isingene shi ekufuyeni njengoba yathutha eGoli yayohlala emakhaya e-Eastern Cape.
Yabuye yanyakazisa izinkundla zokuxhumana isifaka isithombe sesithabatha somuzi.
Abaningi bambongela bebabaza ukuthi uhlelekile njengoba izinto zibukeka zihamba kahle futhi washada waze wabusiswa ngomntwana.
Abanye babukeke begiya ngethambo ngoba selingesenanyama emuva kokuvela eyokubhidlika komshado, bathi uyalunga wayephapha ngesikhathi efaka izithombe echoma.
Le ntokazi eyayidlala indawo kaNtwenhle kwiSibaya yake yazibangela isigcwagcwa ngo-2019.
Kungesikhathi ibhadlaza indaba yokuthi uyise uMngqithi akukho amsize ngakho ngesikhathi ikhula.
Yathi akumele azihlanganise nempumelelo yakhe ngoba ubeqhelile kakhulu kuyena yingakho waphoqeleka ukushiya esikoleni i-AFDA.
Eziphendulela uMngqithi wathi naye wayedonsa kanzima engakawutholi umsebenzi ngesikhathi unina ka-Asavela ekhulelwa.
Waveza nokuthi wayikhokha inhlawulo yingakho u-Asavela esebenzisa isibongo sakhe.
“Ngesikhathi eneminyaka engu-14 yobudala wayehlala nami ngimenzela konke njengomzali futhi nginabo ubufakazi bokuthi bengimondla,” washo kanje uMngqithi.
U-Asavela washada nosomabhizinisi uVusiya Mqokiyana ngo-2022.