Izindaba

Umunyu izidumbu ezingu-8 zidindiliza emgaqweni

Bahle Mkhize 

ISEYINZUKAZIKEYI eyokufa kwabantu abangu-8 emgaqweni uthelawayeka uN2 phakathi kweMandeni neGingindlovu kwaZulu-Natal.

Lokhu kulandela ingozi enyantisa igazi eyenzeke ekuseni ngoLwesihlanu kushayisana imoto ethutha izingane neloli.

Abe-IPSS Medical Rescue bafike endaweni yesigameko bathola iloli lisesihluthu kwathi imoto ebithwele izingane yaphelela khona emgwaqweni.

Imbiko ithi imoto encane iqhunyelwe yisondo umshayeli wazama ukuyilawula yamehlula yabe isiqonda ngqo elolini.

Imithombi ithi iloli belizama ukugwema imoto yabafundi ngesikhathi iphaphalaza iyongena esikhotheni.

Okwamanje kusaqinisekiswe ukufa kwabayisishiyagalombili, izingane eziyisikhombisa nomuntu omdala oyedwa. Kuthiwa umshayeli weloli usesimweni esibucayi uthola usizo oluphuthumayo kule ndawo.

USamantha Meyrick okhulumela abezimo eziphuthumayo, uthe umgwaqo usavaliwe kanti kusazothatha isikhathi ukuthi uvulwe.

“Njengamanje kulindwe imoto yesibili yasemakhazeni izothatha abantu abafileyo abane abasele njengoba eyokuqala ihambe nabanye. I-RTI ithi ungase uvulwe ngemuva maduze umgwaqo njengoba kusakhucululwa futhi amaphoyisa esaqhubeka nophenyo lwawo,”

Related Articles

Back to top button