Ezemidlalo

IBafana Bafana idedele impama eCongo kwamuncu

NOBEYINGABAZA iBafana Bafana ubheme wakholwa ngoLwesihlanu ebusuku ukuthi iyayishaya idiski.

Lokhu kulandela ukubukisa kwayo ngeCongo-Brazzaville iyishaya ngo 5-0 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations.

Ikhombise zisuka nje ukuthi ngeke ivume ukuphendulwa iminqolo, yayicindezela zisuka iCongo.

Igcine igqobhokile ngomzuzu ka-12, uTebogo Mokoena engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe u-Oswin Appolis kade kuyikhona.

Ubuyile uMokoena ngomzuzu ka-27, wavalela phakathi elesibili. Nakuleli uphaselwe uyena u-Appolis.

Ubengaphandle kancane nje kwebhokisi leCongo, wadedela udalimede weshodi, wezwa ngenhlokomo yezihlwele unozinti ukuthi lisenethini.

Ngemuva kwaleli goli umdlalo uke wamiswa kulandela ukungena kwabalandeli enkundleni.

Nokho ubuye waqhubeka umdlalo, uBathusi Aubass washaya elesithathu ngomzuzu ka-36, kwacaca ukuthi kuyayishubela iCongo.

Nasesiwombeni sesibili iBafana iqhubekile nokuzenzela, futhi bekumele okungenani ishaye amanye amagoli amahlanu kulesi siwombe.

Kodwa igcine ithole amabili – elesine lishaywe uLyle Foster nomzuzu ka-51. Nokho ube eselimala umdlalo usuya emaphethelweni.

Kungene u-Iqraam Rayners endaweni yakhe kanti ufike wavala umcimbi eshaya igoli lesihlanu nelibe yisihle sikanozinti weCongo.

Lokhu kunqoba kube iBafana esicongweni selogi kaGroup K kanti sekusele iyoqedela umsebenzi eCongo ngesonto elizayo.

Lisenethini.co.za

 

Related Articles

Back to top button