Zimkhalele owesifazane waseMzansi nezidakamizwa e-Ethiopia
Philasande Luthuli
ZIMKHALELE e-Addis Ababa, Ethiopia, owesifazane (29) waseNingizimu Africa obanjwe oqotshweni eshushumbisa izidakamizwa.
Uhlobo lwezidakamizwa aboshwe eziphethe kuthiwa ezecocainne kanti ziwu-13 kg okuyisisindo esikhulu impela kanti zingabiza uR5.4 million.
Lo wesifazane kuthiwa uthathe uhambo oluya eBrazil ekuqaleni kwenyanga ka-Okthoba.
Ithimba lamaphoyisa aseGauteng kuthiwa aqala ukumsola lo wesifazane ngosuku eliflathela leli esikhumulweni sezindiza eGoli e-OR Tambo.
Nebala iSAPS yaxhumana namaphoyisa aqaphe emhlabeni i-Interpol ngezinsolo zokuthi umsolwa uyolanda izidakamizwa eBrazil abuye nazo eMzansi.
Ubelokhu ebhekiwe zonke izindlela zakhe kwancinzwa indlebe namaphoyisa ase-Ethopia kwazise indlela yakhe eza eMzansi ibuzonqamula khona.
Uthe ethi cabababa esikhumulweni sezindiza zakuleliya lizwe waseshwa izimpahla zakhe nebala kwatholakala izidakamizwa waboshwa.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonle uGeneral Fannie Masemola ukushayele ihlombe ukubambisana kwamaphoyisa azobunhloli eGoli ebambisene ne-Ethiopian Federal Police.
Lo wesifazane oboshwe ngoMgqibelo ulindeleke ukuthi avele enkantolo yase-Ethopia ebhekene necala lokushushumbisa izidakamizwa.